Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

1 Chronicles 27

:
Zulu - 2020
1 Nanti inani labantu bakwa-Israyeli ngokwezinhloko zezindlu zoyise, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, izikhulu zabo ezazikhonza inkosi kukho konke ngokwezigaba, ezazingena ziphuma inyanga nenyanga, ezinyangeni zonke zonyaka. Babekhona kuleso naleso sigaba, bekhonza, sebebonke beyizi-24 000.
2 UJashobhehamu, indodana kaZabhidiyeli, wayengamele isigaba sokuqala esasingena ngenyanga yokuqala. Esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000.
3 Owayengomunye wozalo lukaPherezi, esiyisikhulu sabo bonke abakhuzi bempi ngenyanga yokuqala.
4 Owayephethe isigaba sesibili kwakunguDadayi, umAhohi; singena ngenyanga yesibili isigaba sakhe. Esigabeni sakhe kwakukhona umbusi, uMikhilothi, beyizi-24 000.
5 Induna yempi yesithathu eyayingena ngenyanga yesithathu kwakunguBhenaya, indodana kaJehoyada, umphristi. Wayeyinhloko; esigabeni sakhe kukhona abayizi-24 000.
6 Nguye lowo Bhenaya owayeyiqhawe phakathi kwabangama-30, nowayengamele. Esigabeni sakhe kwakuno-Amizabhadi, indodana yakhe.
7 Owayengamele isigaba sesine esasingena ngenyanga yesine kwakungu-Asaheli, umfowabo kaJowabe, elekelelana nendodana yakhe, uZebadiya. Esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000.
8 Ngenyanga yesihlanu kwakunguShamhuthi, umJizirahi, owayengamele; esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000.
9 U-Ira, indodana ka-Ikheshi waseThekhowa, wayephethe ababengena ngenyanga yesithupha; esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000.
10 UHelezi, umPheloni, nguyena owayengamele ababengena ngenyanga yesikhombisa, wayevela kwa-Efrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000.
11 USibhekhayi, umHushathi kwabakwaZera, nguye owayengamele ababengena ngenyanga yesishiyagalombili; esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000.
12 U-Abhiyezeri, umAnathothi wakwaBhenjamini, wayengamele abangena ngenyanga yesishiyagalolunye; esigabeni sakhe kukhona abayizi-24 000.
13 UMaharayi waseNethofa kwabakwaZera, wayengamele ababengena ngenyanga yeshumi; esigabeni sakhe kukhona abayizi-24 000.
14 UBhenaya, umPhirathoni wakwa-Efrayimi, wayephethe ababengena ngenyanga yeshumi nanye; esigabeni sakhe kukhona abayizi-24 000.
15 UHelidayi waseNethofa, ozalwa ngu-Otheniyeli, wayengamele abangena ngenyanga ye-12; esigabeni sakhe kukhona abayizi-24 000.
16 Ababemele izizwana zakwa-Israyeli kwakuyilaba: kwesakwaRubeni, umbusi kwakungu-Eliyazeri, indodana kaZikhiri. KwesakwaSimeyoni kunguShefathiya, indodana kaMahakha.
17 KubaLevi kunguHashabhiya, indodana kaKhemuweli. Ku-Aroni kunguZadoki.
18 KuJuda kungu-Elihu, umfowabo kaDavide. Ku-Isakhare kungu-Omri, indodana kaMikhayeli.
19 KwaZebuloni kungu-Ishimaya, indodana ka-Obhadiya; kwaNafethali kunguJeremothi indodana ka-Aziriyeli.
20 Kwabakwa-Efrayimi kunguHosheya, indodana ka-Azaziya; engxenyeni yesizwana sakwaManase kunguJoweli, indodana kaPhedaya.
21 Engxenyeni kaManase kwaGileyadi kungu-Ido, indodana kaZakhariya; kwabakwaBhenjamini kunguJahasiyeli, indodana ka-Abhineri;
22 kwabakwaDani kungu-Azareli, indodana kaJerohamu. Yilabo ababengabakhuzi bempi ezizwaneni zakwa-Israyeli.
23 UDavide akazange alibale inani lalabo ababeneminyaka engama-20 nabancane kunalokho, ngokuba uSimakade wayeshilo ukuthi uyomandisa u-Israyeli abe ngangezinkanyezi zezulu.
24 UJowabe, indodana kaZeruya, waqala ukubala abantu, kodwa akazange aqede ngenxa yolaka olwaqubuka phezu kuka-Israyeli, inani labantu alizange lifakwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.
25 U-Azimavethi, indodana ka-Adiyeli, wayephethe ingcebo yenkosi. UJonathani, indodana ka-Uziya, engamele izinto zasemasimini, emzini, emizaneni nasezinqabeni.
26 U-Eziri, indodana kaKhelubi, wayephethe abebenza umsebenzi wasendle, belima umhlabathi.
27 UShimeyi waseRama wayephethe izivini; uZabhidi ephethe iwayini eligciniweyo elithathwe ezivinini.
28 UBhali Hanani, umGederi, wayephethe iminqumo nemikhiwane okwakusehlanzeni; uJowabe ephethe izigcinamafutha.
29 Imihlambi eyayiklaba eSharoni yayiphethwe nguShithirayi, umSharoni; kuthi imihlambi eyayisezigodini iphathwe nguShafathi, indodana ka-Adilayi.
30 U-Obhili wakwa-Ishmayeli wayephethe amakameli; uJehedeya, umMeronothi, ephethe izimbongolo.
31 UJazizi, umHagiri, wayephethe izimvu. Bonke laba babeyizinduna zemfuyo yenkosi uDavide.
32 UJonathani, umfowabo kayise kaDavide, wayengumeluleki engumuntu ohlakaniphileyo, futhi engumbhali. UJehiyeli, indodana kaHakhimoni, wayehlala namadodana enkosi.
33 U-Ahithofeli wayengumeluleki wenkosi. UHushayi, umArikhi, engumngani wenkosi,
34 owayelandela u-Ahithofeli kwakunguJehoyada, indodana kaBhenaya no-Abhiyathara. UJowabe wayengumkhuzi wempi yenkosi.