Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

1 Chronicles 23

:
Zulu - 2020
1 UDavide wayesemdala esenelisiwe yizinsuku; wambeka uSolomoni, indodana yakhe, ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli.
2 Waqoqa bonke abaholi bakwa-Israyeli, abaphristi nabaLevi.
3 AbaLevi babalwa kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu. Inani labo laliyizi-38 000.
4 Abayizi-24 000 kulaba yibona abayongamela umsebenzi wendlu kaSimakade. Abayizi-6 000 babe yizikhulu nabehluleli.
5 Abayizi-4 000 bayoba ngabalindisango, kuthi abayizi-4 000 badumise uSimakade ngezinto engazenzela ukudumisa.
6 UDavide wabehlukanisa ngezigaba zabo njengamadodana kaLevi: uGereshoni, uKhohathi noMerari.
7 KwabakaGereshoni: nguLadani noShimeyi.
8 Amadodana kaLadani: nguJehiyeli, inhloko, uZethamu noJoweli, emathathu.
9 Amadodana kaShimeyi: nguShelomothi, uHaziyeli noHarana, emathathu. Labo babeyizinhloko zoyise kwaLadani.
10 Amadodana kaShimeyi: uJahathi, uZina, uJewushe noBheriya. Labo bobane kwakungamadodana kaShimeyi.
11 UJahathi wayeyinhloko, owesibili kunguZina, kodwa uJewushe noBheriya babengenawo amadodana amaningi, ngakho-ke bahlanganiswa baba yindlu eyodwa.
12 Amadodana kaKhohathi: ngu-Amramu, uJizihari, uHebhroni no-Uziyeli, bebane.
13 Amadodana ka-Amramu: ngu-Aroni noMose. U-Aroni wahlukaniswa wangcweliselwa izinto ezingcwelengcwele, yena namadodana akhe, kuze kube phakade, ukuba ashise impepho phambi kukaSimakade, amkhonze, nokuba abusise egameni likaSimakade, kuze kube phakade.
14 UMose, umuntu kaNkulunkulu, amadodana akhe abizwa ngesizwana sakwaLevi.
15 Amadodana kaMose, nguGereshomu no-Eliyezeri.
16 Amadodana kaGereshomu, nguShebuweli owayeyinhloko.
17 Amadodana ka-Eliyezeri: nguRehabhiya, inhloko. U-Eliyezeri wayengenawo amanye amadodana, kodwa amadodana kaRehabhiya ayemaningi kakhulu.
18 Amadodana kaJizihari: nguShelomithi, inhloko.
19 Amadodana kaHebhroni: nguJeriya, inhloko, owesibili u-Amariya, owesithathu uJahaziyeli, owesine nguJekhameyamu.
20 Amadodana ka-Uziyeli: nguMikha, inhloko, owesibili nguJishiya.
21 Amadodana kaMerari: nguMaheli noMushi. Amadodana kaMaheli: ngu-Eleyazare noKhishi.
22 U-Eleyazare wafa enganandodana, enamadodakazi wodwa; athathwa ngabafowabo amadodana kaKhishi.
23 Amadodana kaMushi: nguMaheli, u-Edere noJeremoti, bebathathu.
24 Yilabo-ke okwakungabozalo lukaLevi ngokwezindlu zokhokho babo, izinhloko zoyise, bebalwa ngamanani abo, ngamagama abo nangezinhloko zabo. Yibona ababenza umsebenzi wokukhonza endlini kaSimakade, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu.
25 UDavide wathi: “USimakade uNkulunkulu ka-Israyeli unikile abantu bakhe ukuphumula, uhleli eJerusalema, kuze kube phakade.
26 AbaLevi bayakuthwala ithabanakeli nazo zonke izinto zalo zenkonzo.”
27 Njengokwezwi lokugcina likaDavide, leli yinani labozalo lukaLevi, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu.
28 Umsebenzi wabo kwakungukusiza abozalo luka-Aroni emsebenzini wendlu kaSimakade, emagcekeni, emakamelweni, ukuhlambulula zonke izinto ezingcwele, nokwenza umsebenzi wokukhonza endlini kaNkulunkulu,
29 ukusiza futhi nangezinkwa zokubukwa, impuphu ecolisekileyo yomnikelo wempuphu, amaqebelengwane angenamvubelo, okuphekwe ngamabhodwe, okuxutshanisiweyo, neyazo zonke izilinganiso nobukhulu;
30 ukuma njalo ekuseni ukuba babe ngabadumisa uSimakade, kanjalo nakusihlwa;
31 ukunikela njalo kuSimakade, ngayo yonke iminikelo yokushiswa, ngamasabatha, ngokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo, njengokubalula komthetho wabo phambi kukaSimakade.
32 Bayakugcina umsebenzi wethende lokuhlangana, nezimfanelo zendawo engcwele, nezimfanelo zabozalo luka-Aroni, abafowabo, ekukhonzeni endlini kaSimakade.