1 Chronicles 20
1 Kwathi sekwedlule unyaka, ngesikhathi amakhosi aphuma ahlasele ngaso, uJowabe wahola amaqhawe empi, wabhubhisa izwe labakwa-Amoni. Wahamba wavimbezela iRabha, kodwa uDavide wayesele eJerusalema. UJowabe wahlasela iRabha, walinqoba.
2 UDavide wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo, wathola ukuthi isisindo sawo sasiyithalenta legolide; wawunetshe eliyigugu; wabekwa ekhanda likaDavide. Wathatha emzini impango eningi kakhulu.
3 UDavide wakhipha abantu ababekuyo yonke imizi yabakwa-Amoni, wabanquma ngamasaha, ngezibhuqo zensimbi, nangamazembe.
4 Kwathi emveni kwaleso sehlakalo kwaqubuka impi phakathi kuka-Israyeli namaFilisti eGezeri. USibhekhayi, umHushathi, wabulala uSiphayi, enye yamadodana amaRefa; anqotshwa amaFilisti.
5 Kwaphinda kwaqubuka enye impi namaFilisti. U-Elihanani, indodana kaJayire, wabulala uLahimi, umfowabo kaGoliyathi, umGithi; uthi lomkhonto ayewuphatha lwalungangogongolo lomaluki.
6 Kwaphinda futhi kwaba nempi eGathi, lapho kwakukhona umuntu owayemude kakhulu; eneminwe eyisithupha esandleni ngasinye, kanjalo nasezinyaweni enezinzwani eziyisithupha unyawo ngalunye, sekukonke kungama-24. Naye wayezalwa ngamaRefa.
7 Wamedelela u-Israyeli; ngakho-ke uJonathani, indodana kaShimeya, umfowabo kaDavide, wambulala.
8 Yibo laba ababeyizizukulwane zamaRefa eGathi, ababulawa nguDavide, nezinceku zakhe.