1 Chronicles 2
1 Nanka amadodana ka-Israyeli: uRubeni, uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare, uZebuloni,
2 uDani, uJosefa, uBhenjamini, uNafethali, uGadi no-Asheri.
3 Amadodana kaJuda: u-Eri, u-Onani noShela, laba bobathathu wabazala kumKhananikazi, uBhathi Shuwa. U-Eri, izibulo likaJuda, wenza okubi phambi kukaSimakade; uSimakade wambulala.
4 UThamari, umalokazana wakwakhe, wamzalela uPherezi, noZera. Esewonke amadodana kaJuda ayeyisihlanu.
5 Amadodana kaPherezi: uHezironi noHamule.
6 Amadodana kaZera: uZimri, u-Ethani, uHemani, uKhalikholi noDara; esewonke ayeyisihlanu.
7 Amadodana kaKharmi: u-Akhari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo.
8 Indodana ka-Ethani: u-Azariya.
9 Amadodana kaHezironi awazalelwayo: uJerameli, uRamu noKhelubhayi.
10 URamu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaheshoni, isikhulu sabakwaJuda;
11 uNaheshoni wazala uSalima; uSalima wazala uBhowazi;
12 uBhowazi wazala u-Obhede; u-Obhede wazala uJese.
13 UJese wazibula ngo-Eliyabe, owesibili kwaba ngu-Abhinadaba, owesithathu kwaba nguShimeya,
14 owesine kwaba nguNethaneli, owesihlanu kwaba nguRadayi,
15 owesithupha kwaba ngu-Osemi, owesikhombisa kwaba nguDavide;
16 odadewabo: kwakunguZeruya no-Abhigayili. Amadodana kaZeruya: u-Abhishayi, uJowabe no-Asaheli, ayemathathu.
17 U-Abhigayili wazala u-Amasa. Uyise ka-Amasa kwakunguJetheri, umIshmayeli.
18 UKhalebhi, indodana kaHezironi, wazala ku-Azuba, umkakhe, nakuJeriyothi; nanka amadodana akhe: uJesheri, uShobhabhi no-Aridoni.
19 Esefile u-Azuba; uKhalebhu wathatha u-Efrathi, wamzalela uHure.
20 UHure wazala u-Uri; u-Uri wazala uBhezaleli.
21 Kwathi sekwedlule isikhathi, uHezironi wangena indodakazi kaMakhiri, uyise kaGileyadi. Wamthatha eseneminyaka engama-60, wamzalela uSegubhi.
22 USegubhi wazala uJayire, owayenemizi engama-23 kwaGileyadi.
23 UGeshuri no-Aramu bathatha imizana kaJayiremi, iKenathi nemizana yalo, imizi engama-60. Bonke laba babengamadodana kaMakhiri, uyise kaGileyadi.
24 Emva kokufa kukaHezironi eKhalebhu Efratha, u-Abhiya, umkaHezironi, wamzalela u-Ashuri uyise kaThekhowa.
25 Amadodana kaJerameli, izibulo likaHezironi, kwakunguRamu izibulo, elanywe ngoBhuna, u-Oreni, u-Osemi no-Ahiya.
26 UJerameli wayenomunye umfazi, igama lakhe kungu-Athara; engunina ka-Onamu.
27 Amadodana kaRamu, izibulo likaJerameli, kwakunguMahazi, uJamini no-Ekheri.
28 Amadodana ka-Onamu kwakunguShamayi noJada. Amadodana kaShamayi: kwakunguNadabi no-Abhishuri.
29 Igama lomka Abhishuri kwakungu-Abhihayili, wamzalela u-Ahibhani noMolidi.
30 Amadodana kaNadabi: uSeledi no-Aphayimi; uSeledi wafa engenantwana.
31 Indodana ka-Aphayimi: kwakungu-Ishi. Indodana ka-Ishi: kwakunguSheshani. Indodana kaSheshani: kwakungu-Ahilayi.
32 Amadodana kaJada, umfowabo kaShamayi: kwakunguJetheri noJonathani; uJetheri wafa engenamntwana.
33 Amadodana kaJonathani: kwakunguPhelethi noZaza. Laba babengamadodana kaJerameli.
34 USheshani wayengenamadodana, enamadodakazi wodwa. USheshani wayenenceku eyayivela eGibhithe, igama layo kunguJariha.
35 USheshani waganisela uJariha, inceku yakhe, indodakazi yakhe, ukuba ibe ngumkakhe; wamzalela u-Athayi.
36 U-Athayi wazala uNathani; uNathani wazala uZabhadi.
37 UZabhadi wazala u-Efilali; u-Efilali wazala u-Obhede.
38 U-Obhede wazala uJehu; uJehu wazala u-Azariya.
39 U-Azariya wazala uHelezi; uHelezi wazala u-Eleyasa.
40 U-Eleyasa wazala uSisamayi; uSisamayi wazala uShalumi,
41 uShalumi wazala uJekhamiya; uJekhamiya wazala u-Elishama.
42 Amadodana kaKhalebhu, umfowabo kaJerameli: kwakunguMesha izibulo lakhe, owayenguyise kaZifi, namadodana kaMaresha, uyise kaHebhroni.
43 Amadodana kaHebhroni: kwakunguKhora, uThaphuwa, uRekemi noShema.
44 UShema wazala uRahamu, uyise kaJorikeyamu; uRekemi wazala uShamayi.
45 Indodana kaShamayi: kwakunguMahoni; uMahoni wayenguyise kaBhethi Zuri.
46 U-Efa, isancinza sikaKhalebhu, wazala uHarana, uMoza, noGazezi; uHarana wazala uGazezi.
47 Amadodana kaJadayi: kwakunguRegemi, uJothamu, uGeshani, uPhelethi, u-Efa noShahafi.
48 UMahakha, isancinza sikaKhalebhu, wazala uShebheri noThirihana.
49 Wazala noShahafi, uyise kaMadimana, uSheva, uyise kaMakhibhena, noyise kaGibheya. Indodakazi kaKhalebhu kwakungu-Akhisa.
50 Nampa ababengabozalo lukaKhalebhu: amadodana kaHure, izibulo lika-Efratha: kwakunguShobhali, uyise kaKiriyathi Jeharimi,
51 uSalima uyise kaBhethlehema, noHarefi uyise kaBhethi Gaderi.
52 UShobhali, uyise kaKiriyathi Jeharimi, wayenalawa madodana: oHarowe nengxenye kaMenuhothi.
53 Imindeni kaKiriyathi Jeharimi kwakungamaJetheri, amaPhuthi, amaShumathi namaMishirayithi; kubo kwavela amaZorathi nama-Eshithawoli.
54 Amadodana kaSalima: kwakunguBhethlehema, uNethofa, u-Atharothi Bhethi Jowabe, nengxenye yamaManahathi, amaZori.
55 Imindeni yababhali ababehlala eJabhezi: ngamaThirathi, amaShimeyathi namaSukhathi. Laba babengamaKheni ayevela kuHamathi, uyise wendlu kaRekhabhi.