Bible

Elevate

Your Sunday Morning Worship Service

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

1 Chronicles 14

:
Zulu - 2020
1 Inkosi yaseThire, uHiramu, yathumela izithunywa kuDavide, imisedari, abakhi nababazi ukuba bayomakhela indlu.
2 UDavide waqonda ukuthi uSimakade wayembekile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, ngokuba umbuso wakhe waphakanyiselwa phezulu ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.
3 UDavide eseseJerusalema wabuye wathatha abanye abafazi, wazala amanye amadodana namadodakazi.
4 Nanka amagama abantwana abazala eJerusalema: uShamuwa, uShobhabhi, uNathani, uSolomoni,
5 uJibhari, u-Elishuwa, u-Eliphelethi,
6 uNoga, uNefegi, uJafiya,
7 u-Elishama, uBheyeliyada no-Elifeleti.
8 Kwathi esezwile amaFilisti ukuthi uDavide ubekiwe ukuba abe yinkosi ka-Israyeli, akhuphuka ayomfuna; kuthe lapho uDavide ekuzwa lokho waphuma, wawahlasela.
9 AmaFilisti esegasele esigodini samaRefa,
10 uDavide wabuza kuNkulunkulu, wathi: “Ngenyuke yini ukuyohlasela amaFilisti na? Uyakuwanikela yini esandleni sami?” USimakade wathi kuye: “Khuphuka, ngokuba ngiyakuwanikela esandleni sakho.”
11 Base bekhuphuka eBhali Pherazimu, uDavide wawabhubhisa. UDavide wathi: “UNkulunkulu uthelekele izitha zami ngesandla sami njengamanzi ebhodloza avinjwe ngakho.” Yingakho-ke leyo ndawo bayiqamba bathi iBhali Pherazimu.
12 AmaFilisti abashiya lapho onkulunkulu bawo, uDavide wathi mababashise ngomlilo.
13 AmaFilisti abuye asigasela isigodi.
14 UDavide wabuye wabuza kuNkulunkulu, uNkulunkulu wathi kuye: “Ungenyuki uwalandele, kunalokho aqhamukele maqondana namajikijolo.
15 Kuyothi lapho sewuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, uphume impi, ngokuba uNkulunkulu uphumile ngaphambi kwakho ukubhubhisa amabutho amaFilisti.”
16 UDavide wenza njengokuba uNkulunkulu ayemyalile, bawabhubhisa amabutho amaFilisti, kusukela eGibheyoni kuze kube seGezeri.
17 Igama likaDavide laphumela emazweni wonke; uSimakade wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.