Bible

Say Goodbye

To Clunky Software & Sunday Tech Stress!

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

1 Chronicles 13

:
Zulu - 2020
1 UDavide wahlanganisa amakhanda nabakhuzi bempi bezinkulungwane nabamakhulu, nabaholi bonke.
2 UDavide wayesethi kulo lonke ibandla lakwa-Israyeli: “Uma kukuhle kini, futhi kuvela kuSimakade uNkulunkulu wethu, masiphume ngandlela zonke sithumele kubafowethu abasele ezweni lonke kwa-Israyeli, nabaphristi nabaLevi emizini yabo enamadlelo, ukuba babuthane beze lapha kithi.
3 Masihambe siyowulanda siwubuyisele kithi umphongolo kaNkulunkulu wethu, ngokuba asizange siwufune ngezinsuku zikaSawule.”
4 Ibandla lonke lathi makwenziwe kanjalo, ngokuba lokho kwakuthokozisa kubo bonke abantu.
5 UDavide wambuthela ndawonye wonke u-Israyeli, kusukela eShihori eGibhithe, eLebo, kuze kube seHamathi, ukuba kuyolandwa umphongolo kaNkulunkulu eKiriyathi Jeharimi.
6 UDavide wakhuphuka kanye no-Israyeli wonke, baya eBhahala, okungukuthi eKiriyathi Jeharimi kwaJuda, ukuze bakhuphule lapho umphongolo kaNkulunkulu uSimakade ohleli phezu kwamakherubhi, obizwa ngegama lakhe.
7 Bawukhipha umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Abhinadaba, bawukhweza enqoleni entsha eyayishayelwa ngu-Uza no-Ahiyo.
8 UDavide naye wonke u-Israyeli babethokoza phambi kukaNkulunkulu ngamandla abo wonke, behuba amahubo ngamahabhu, ngezingubhu, ngezigubhu, ngamasimbali nangamacilongo.
9 Lapho befika esibuyeni sikaKhidoni, izinkabi zashelela, u-Uza wayeselula isandla sakhe ukuba abambe umphongolo.
10 Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Uza, wamshaya, ngokuba wayelulele isandla emphongolweni. Wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu.
11 UDavide wathukuthela ngokuba uSimakade ehlasele u-Uza. Wayibiza leyo ndawo ngokuthi yiPherezi Uza, kuze kube namuhla.
12 UDavide wamesaba uNkulunkulu ngalolo lusuku, wathi: “Pho ngingawungenisa kanjani kwami umphongolo kaNkulunkulu na?”
13 UDavide akabange esawuyisa emzini wakhe umphongolo, kodwa wachezuka, wawuyisa endlini ka-Obhedi Edomi, umGithi.
14 Umphongolo kaNkulunkulu wahlala izinyanga ezintathu nabendlu ka-Obhede Edomi, endlini yakhe. USimakade wayibusisa indlu ka-Obhede Edomi nakho konke ayenakho.