Bible

Engage

Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

1 Chronicles 11

:
Zulu - 2020
1 U-Israyeli wonke wabuthana kuDavide eHebhroni, wathi: “Thina phela siyithambo lakho nenyama yakho.
2 Nangesikhathi esedlule, kusabusa uSawule, nguwe owawuhola impi ka-Israyeli, uphume nayo ubuye ungene nayo. USimakade uNkulunkulu wakho wathi kuwe: ‘Wena uyakwalusa abantu bami, u-Israyeli; wena uzakuba ngumbusi wabantu bami, u-Israyeli.’
3 Wonke amalunga akwa-Israyeli eza enkosini eHebhroni. UDavide wenza nawo isivumelwano eHebhroni, phambi kukaSimakade. Amgcoba uDavide waba yinkosi kwa-Israyeli, njengokusho kwezwi likaSimakade ngomlomo kaSamuweli.
4 UDavide no-Israyeli wonke baya eJerusalema eliyiJebusi, lapho kwakuhlala khona izakhamuzi zakulelo lizwe, amaJebusi.
5 Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide: “Awusoze wangena lapha.” UDavide nokho wayinqoba inqaba iZiyoni, wayidla yaba ngumuzi wakhe.
6 UDavide wathi: “Lowo muntu oyohlabana kuqala, abulale umJebusi, nguye ozokuba yinhloko nenduna.” UJowabe, indodana kaZeruya, wenyuka kuqala, wawudla umhlanganiso, wabe eseba yinhloko.
7 UDavide wahlala enqabeni, ngakho-ke bayibiza ngokuthi umuzi kaDavide.
8 Wakha umuzi, wayizungeza kusuka eMilo kuya kuzo zonke izindawo. UJowabe wavusa okwakusasele komuzi.
9 UDavide waqhubeka njalo wakhula, ngokuba uSimakade Wamabandla wayenaye.
10 Yilezi izinhloko zamaqhawe kaDavide ayenazo, ezamsekela ngamandla embusweni wakhe kanye no-Israyeli wonkana, zambeka waba yinkosi njengokwezwi likaSimakade ngo-Israyeli.
11 Nanti-ke inani lamaqhawe kaDavide: kwakunguJashobhehamu, indodana yomHakhimoni, inhloko yezinduna ezingama-30; wagwaza wabulala abangama-300 ngomkhonto wakhe, ngasikhathi sinye.
12 Wayelandelwa ngu-Eleyazare, indodana kaDodo, umAhohi, owayengomunye wamaqhawe amathathu.
13 Wayekanye noDavide ePhasi Damimi, ngesikhathi kubuthana amaFilisti lapho ukuyokulwa nabo. Kwakukhona isiqinti sezwe esasigcwele ibhali. Abantu babebalekile phambi kwamaFilisti.
14 Bama phakathi nesiqinti sezwe, basivikela, bawabulala amaFilisti. USimakade wabasindisa ngokusindisa okukhulu.
15 Kwathi ngesikhathi amabutho amaFilisti ekanise eSigodini samaRefa, kwehla abathathu kwabayizinhloko ezingama-30, baya etsheni kuDavide, emgedeni wase-Adulamu.
16 UDavide wayesenqabeni, impi yamaFilisti yayikanise ngaseBhethlehema.
17 UDavide wayomile, omele amanzi, wathi: “Ngubani ozakunginika amanzi asemthonjeni eBhethlehema ongasesangweni, ngiphuze na?”
18 Lawo maqhawe amathathu afohla, angena enkanjini yamaFilisti, akha amanzi emthonjeni eBhethlehema ongasesangweni. Awathatha awaletha kuDavide, kepha akavumanga ukuwaphuza; wawathululela uSimakade.
19 Wathi: “Makube kude nami, Simakade, ukuba ngenze lokhu; ngingaliphuza yini igazi lalaba bantu ababeke impilo yabo engcupheni?” Akavumanga ukuwaphuza. Yilezi-ke izinto ezenziwa yilawo maqhawe amathathu.
20 U-Abhishayi, umfowabo kaJowabe, wayeyinhloko yalaba abangama-30. Wagwaza ngomkhonto wakhe abangama-300, wababulala, wazenzela igama phakathi kwalabo abathathu.
21 Nguye owanconywa kakhulu phakathi kwabangama-30, futhi waba ngumkhuzi wempi yabo, akafinyelelanga nokho kwabathathu bokuqala.
22 UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayeyindoda eyiqhawe elinamandla, elenza imisebenzi emikhulu. WayengowaseKhabizeyeli, wabulala amaqhawe amabili, u-Ariyeli wakwaMowabi, waphinde wehla, wabulala ingonyama emgodini, ngosuku kukhithike iqhwa.
23 Wabulala nowaseGibhithe owayebukeka. Lona waseGibhithe wayephethe umkhonto esandleni sakhe, kodwa uBhenaya wabhekana naye ephethe induku nje. Wawuhlwitha umkhonto esandleni somGibhithe, wambulala ngawo umkhonto wakhe.
24 UBhenaya, indodana kaJehoyada, wenza lezi zinto, wazenzela igama phakathi kwabathathu.
25 Wayehlonipheke kakhulu phakathi kwabangama-30, kodwa akafikanga kulaba abathathu ngokuhlonishwa. UDavide wambeka ukuba engamele abaqaphi bakhe.
26 Phakathi kwalawo maqhawe anamandla kwakungo-Asaheli, umfowabo kaJowabe, u-Elihanani indodana kaDodo waseBhethlehema,
27 uShamothi wakwaHarori, uHelezi wasePheloni,
28 u-Ira, indodana ka-Ikeshi waseThekowa, u-Abhiyezeri wase-Anathothi,
29 uSibhekayi umHushathi, u-Ilayi umAhohi,
30 uMaharayi waseNethofa, uHeledi, indodana kaBhahana waseNethofa,
31 u-Ithayi, indodana kaRibhayi waseGibheya labozalo lukaBhenjamini, uBhenaya wasePhirathoni,
32 uHurayi wangasemifudlaneni kwaGahashi, u-Abhiyeli umAraba,
33 u-Azimavethi waseBharihumi, u-Eliyaba waseShahalibhoni,
34 amadodana kaHashemi waseGizoni, uJonathani, indodana kaShage waseHarari,
35 u-Ahiyamu, indodana kaShakhari wase-Arari, u-Elifali, indodana ka-Uri,
36 uHeferi waseMekheri, u-Ahiya wasePheloni,
37 uHeziro waseKharimeli, uNaharayi, indodana ka-Ezibhayi,
38 uJoweli, umfowabo kaNathani, uMibhihari, indodana kaHagiri,
39 uZeleki wakwa-Amoni, uNaharayi waseBherothi, udibi lukaJowabe, indodana kaZeruya,
40 u-Ira waseJetheri,
41 u-Uriya umHithi, uZabadi, indodana ka-Ahilayi,
42 u-Adina, indodana kaShiza wakwaRubeni, inhloko yakwaRubeni, enabangama-30,
43 uHanani, indodana kaMahakha, uJeshoshafathi umMitheni,
44 u-Uziya wase-Ashitharothi, uShama noJehiyeli, amadodana kaHothamu wase-Aroweri,
45 uJediyayeli, indodana kaShimri, uJoha, umfowabo umThizi,
46 u-Eliyeli umMahavi, uJeribhayi noJoshaviya, amadodana ka-Elinahama, u-Ithima wakwaMowabi,
47 u-Eliyeli, u-Obhede, noJahashiyeli umMezobha.