1 Chronicles 1
1 U-Adamu, uSethi, u-Enoshe,
2 uKhenani, uMahalalele, uJarede,
3 u-Enokhi, uMethushela, uLameka,
4 uNowa, uShemi, uHamu, noJafethi.
5 Amadodana kaJafethi: nguGomere, uMagoge, uMadayi, uJavani, uThubhali, uMesheke noTirase.
6 Amadodana kaGomere: ngu-Ashikhenaze, uDifathe noThogarma.
7 Amadodana kaJavani: ngu-Elisha, uTharishishi, uKhithimi noRodanimi.
8 Amadodana kaHamu: nguKhushe, uMizirayimi, uPhuthi noKhanani.
9 Amadodana kaKhushe: nguZebha, uHavila, uSabhitha, uRama noSabhitheka. Amadodana kaRama: nguSheba noDedani.
10 UKhushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni.
11 UMizirayimi wazala amaLudi, ama-Anami, amaLehabhi, amaNafethuhi,
12 amaPhathrusi, amaKhasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti, namaKhafithori.
13 UKhanani wazibula ngoSidoni, kwalandela uHethi,
14 amaJebusi, ama-Amori, amaGirigashi,
15 amaHivi, ama-Arikhi, amaSini,
16 ama-Arivadi, amaSemari, namaHamathi.
17 Amadodana kaShemi: ngu-Elamu, u-Ashuri, u-Ariphakishade, uLude, u-Aramu, u-Uze, uHule, uGetheri noMeshekhe.
18 U-Ariphakishade wazala uShela; uShela wazala u-Ebhere.
19 U-Ebhere wazala amadodana amabili: igama lenye kwakunguPhelege, ngokuba emihleni yayo izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo kwakunguJokothane.
20 UJokhothane wazala u-Alimodade, uShelefe, uHasaramavethe, uJera,
21 uHadoramu, u-Uzali, uDikila,
22 u-Ebhali, u-Abhimayele, uShebha,
23 u-Ofiri, uHavila, uJobhabhi; bonke laba babengamadodana kaJokothane;
24 uShemi, u-Ariphakishade, uShela,
25 u-Ebhere, uPhelege, uRehu,
26 uZerugi, uNahori, uThera,
27 u-Abhrama ongu-Abhrahama.
28 Amadodana ka-Abhrahama: u-Isaka no-Ishmayeli.
29 Lezi yizizukulwane zabo: izibulo lika-Ishmayeli uNebhayothi, uKhedari, u-Adibheli, uMibhishamu,
30 uMishima, uDuma, uMasa, uHadadi, uThema,
31 uJethuru, uNafishi, noKhedema. Laba babengamadodana ka-Ishmayeli.
32 Amadodana kaKhethura, isancinza sika-Abhrahama: uZimrani, uJokishani, uMedani, uMidiyani, u-Ishibhaki, uShuwa. Amadodana kaJokishani: uSheba noDedani.
33 Amadodana kaMidiyani: u-Efa, u-Eferi, uHanokhi, u-Abhida, u-Elidaha. Bonke laba babengamadodana kaKhethura.
34 U-Abhrahama wazala u-Isaka. Amadodana ka-Isaka: u-Esawu no-Israyeli.
35 Amadodana ka-Esawu: u-Elifazi, uRehuweli, uJewushe, uJalamu, noKora.
36 Amadodana ka-Elifazi: uThemani, u-Omari, uZefi, uGathamu, uKenazi, uThimna no-Amaleki.
37 Amadodana kaRehuweli: uNahathi, uZera, uShama noMiza.
38 Amadodana kaSeyiri: uLothani, uShobhali, uZibheyoni, u-Ana, uDishoni, u-Ezeri noDishani.
39 Amadodana kaLothani: uHori, noHomamu; udadewabo kaLothani kwakunguThimna.
40 Amadodana kaShobhali: u-Aliyani, uManahathi, u-Ebhali, uShefi no-Onamu. Amadodana kaZibheyoni: u-Aya, no-Ana.
41 Indodana ka-Ana: uDishoni. Amadodana kaDishoni: uHamrani, u-Eshibhani, uJithrani noKherani.
42 Amadodana ka-Ezeri: uBhilihani, uZahawana noJahakhani. Amadodana kaDishani: u-Uze no-Arana.
43 Lawa ngamakhosi abusa kwa-Edomi, kungakabi bikho nkosi eyayibusa abantu bakwa-Israyeli: uBhela, indodana kaBheyori. Igama lomuzi wakhe kwakuseDinihaba.
44 UBhela wakhothama; kwabekwa uJobhabhi, indodana kaZera waseBhozira, esikhundleni sakhe.
45 UJobhabhi wakhothama; uHushamu wakwaThemani wabusa esikhundleni sakhe.
46 UHushamu wakhothama; esikhundleni sakhe kwabusa uHadadi, indodana kaBhedadi, owanqoba abakwaMidiyani esifundeni kwaMowabi. Igama lomuzi wakhe kwakuyi-Avithi.
47 UHadadi wakhothama; kwabusa uSamla waseMazireka, esikhundleni sakhe.
48 USamla wakhothama, kwabusa uShawule waseRehobhothi ngasemfuleni, esikhundleni sakhe.
49 UShawule wakhothama; kwabusa uBali Hanani, indodana ka-Akhibhori, esikhundleni sakhe.
50 UBhali Hanani wakhothama; kwabusa uHadadi, esikhundleni sakhe. Igama lomuzi wakhe kwakuyiPhayi. Igama lomkakhe kunguMehethabheli, indodakazi kaMathiredi, indodakazi kaMezahabhi.
51 UHadadi naye wafa. Nanka amagama ezikhulu zakwa-Edomi: uThimna, u-Aliya, uJethethi,
52 u-Oholibhama, u-Ela, uPhinoni,
53 uKhenazi, uThemani, uMibhizari,
54 uMagidiyeli no-Iramu. Yilezo-ke izikhulu zakwa-Edomi.