Bible

Designed

For Churches, Made for Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Zechariah 3

:
Zulu - 1959
1 Wayesengibonisa uJoshuwa umpristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane emi ngakwesokunene sakhe ukumelana naye.
2 UJehova wathi kuSathane: “UJehova uyakukukhuza, Sathane, yebo, uJehova olikhethile iJerusalema uyakukukhuza; lo akasiso isikhuni esophulwe emlilweni na?”
3 UJoshuwa wayembethe izingubo ezingcolileyo; wayemi phambi kwengelosi.
4 Yathatha yasho kwababemi phambi kwayo, yathi: “Mkhumuleni izingubo ezingcolileyo.” Kuyena yathi: “Bheka, ngidedisile kuwe ububi bakho; ngiyakukwembathisa ezobukhosi.”
5 Ngase ngithi: “Mababeke isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe.” Base bebeka isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe, bamembathisa izingubo, ingelosi kaJehova isemi khona.
6 Ingelosi kaJehova yagomela kuJoshuwa, yathi:
7 “Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine inkonzo yami, uyakwahlulela endlini yami, ugcine namagceke ami; ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abemi lapha.
8 ‘Ake uzwe, Joshuwa, mpristi omkhulu, wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho, ngokuba bangabantu abayisibonakaliso: bhekani, ngiyakuveza inceku yami, uHlumela.
9 Ngokuba bheka, itshe engilibeke phambi kukaJoshuwa kukhona amehlo ayisikhombisa etsheni lilodwa ngiyakuqopha ukuqoshwa kwalo,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngidedisele kude ububi balelo zwe ngalusuku lunye.
10 ‘Ngalolo suku,’ usho uJehova Sebawoti, ‘niyakumema, kube yilowo nalowo umngane wakhe phansi komvini naphansi komkhiwane.’