Song of Solomon 61959

1Othandiweyo wakho uyephi, wena muhlekazi phakathi kwabesifazane; ushonephi othandiweyo wakho ukuba simfune kanye nawe na?

2Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe, ezindimeni zamakha, ukuba aluse ensimini, akhe iminduze.

3Mina ngingowothandiweyo wami, nothandiweyo wami ungowami, lapho alusa phakathi kweminduze.

4Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umnandi njengeJerusalema, kepha wesabeka njengezimpi.

5Susa amehlo akho kimi, ngokuba ayangiphaphathekisa; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi owehla entabeni yakwaGileyadi.

6Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukazi ezikhuphuka zigeziwe, zinamawele zonke, kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.

7Izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati* emva kwemvakazi yakho.

8Amakhosikazi angamashumi ayisithupha, nezancinza zingamashumi ayisishiyagalombili, nezintombi azinakubalwa.

9Kepha ijuba lami, opheleleyo wami munye nje; ungoyedwa kunina, ungokhethiweyo wakhe owamzalayo. Amantombazana ayambona, athi ubusisiwe; amakhosikazi nezancinza bayamdumisa.

10Ngubani lo olunguza njengokusa, emuhle njengenyanga, ecwebile njengelanga, kepha esabeka njengezimpi, na?

11Ngehlela ensimini yamantongomane ukuyobona uhlaza lwesigodi, nokubona uma imivini iqhakazile, namapomegranati* uma ekhahlele.

12Ngingakakwazi ukulangazela kwami kwangibeka enqoleni yabantu benkosana yami.

13Phenduka, phenduka, mShulamiti! Phenduka, phenduka ukuba sikubuke! Nibonani kumShulamiti? Kunjengokusina kwaseMahanayimi.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for Song of Solomon 6.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.