Bible

Power Up

Your Services with User-Friendly Software

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Song of Solomon 6

:
Zulu - 1959
1 Othandiweyo wakho uyephi, wena muhlekazi phakathi kwabesifazane; ushonephi othandiweyo wakho ukuba simfune kanye nawe na?
2 Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe, ezindimeni zamakha, ukuba aluse ensimini, akhe iminduze.
3 Mina ngingowothandiweyo wami, nothandiweyo wami ungowami, lapho alusa phakathi kweminduze.
4 Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umnandi njengeJerusalema, kepha wesabeka njengezimpi.
5 Susa amehlo akho kimi, ngokuba ayangiphaphathekisa; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi owehla entabeni yakwaGileyadi.
6 Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukazi ezikhuphuka zigeziwe, zinamawele zonke, kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.
7 Izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati* emva kwemvakazi yakho.
8 Amakhosikazi angamashumi ayisithupha, nezancinza zingamashumi ayisishiyagalombili, nezintombi azinakubalwa.
9 Kepha ijuba lami, opheleleyo wami munye nje; ungoyedwa kunina, ungokhethiweyo wakhe owamzalayo. Amantombazana ayambona, athi ubusisiwe; amakhosikazi nezancinza bayamdumisa.
10 Ngubani lo olunguza njengokusa, emuhle njengenyanga, ecwebile njengelanga, kepha esabeka njengezimpi, na?
11 Ngehlela ensimini yamantongomane ukuyobona uhlaza lwesigodi, nokubona uma imivini iqhakazile, namapomegranati* uma ekhahlele.
12 Ngingakakwazi ukulangazela kwami kwangibeka enqoleni yabantu benkosana yami.
13 Phenduka, phenduka, mShulamiti! Phenduka, phenduka ukuba sikubuke! Nibonani kumShulamiti? Kunjengokusina kwaseMahanayimi.