Bible

Power Up

Your Services with User-Friendly Software

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 97

:
Zulu - 1959
1 UJehova uyinkosi; umhlaba mawethabe, zijabule iziqhingi eziningi.
2 Amafu nobumnyama kuyamphahla; ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.
3 Umlilo uyahamba phambi kwakhe, udla izitha zakhe nxazonke.
4 Imibani yakhe ikhanyisa izwe; umhlaba uyakubona, uthuthumele.
5 Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova, phambi kweNkosi yomhlaba wonke.
6 Amazulu ashumayela ukulunga kwakhe; izizwe zonke zibona inkazimulo yakhe.
7 Mabajabhe bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo, abazigabisa ngezithombe. Mkhonzeni nina nonke bonkulunkulu.
8 ISiyoni liyezwa, liyajabula; amadodakazi akwaJuda ayethaba ngenxa yezahlulelo zakho, Jehova.
9 Ngokuba wena Jehova uphezu komhlaba wonke, uphakeme kakhulu phezu kwawonkulunkulu bonke.
10 Nina enithanda uJehova zondani okubi; uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo; uyabasindisa ezandleni zababi.
11 Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo, ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.
12 Jabulani kuJehova nina balungileyo, nibonge igama lakhe elingcwele.