Psalms 921959

1Kuhle ukumbonga uJehova nokuhubela igama lakho wena oPhezukonke;

2ukushumayela umusa wakho ekuseni nokuthembeka kwakho ebusuku,

3ngokubetha ugubhu olunezintambo eziyishumi, nomqangala, kanye nehabhu* elizwakala kamnandi.

4Ngokuba ungithokozisile, Jehova, ngezenzo zakho; ngiyakumemeza ngokujabula.

5Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova. Imicabango yakho ijulile kakhulu.

6Umuntu oyisilima angekucabange, nesiwula asikuboni.

7Noma ababi behluma njengotshani, nezigangi noma ziqhakaza zonke, kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.

8Kepha wena Jehova uphakeme kuze kube phakade.

9Ngokuba bheka, izitha zakho, Jehova, bheka, izitha zakho, ziyakubhubha; bonke abenza okubi bayakuhlakazwa.

10Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi, ngigcotshwa ngamafutha amasha.

11Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami, nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.

12Olungileyo uyahluma njengesundu, uyakhula njengomsedari* eLebanoni.

13Batshaliwe endlini kaJehova, bamila emagcekeni kaNkulunkulu wethu.

14Nasebudaleni bayakuthela izithelo, bahlume babe luhlaza,

15ukuze bashumayele ukuthi uJehova ulungile; uyidwala lami okungekho kuye ukungalungi.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for Psalms 92.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.