Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 76

:
Zulu - 1959
1 UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda, igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.
2 Itabernakele* lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseSiyoni.
3 Waphula lapho imicibisholo yomnsalo, nesihlangu, nenkemba, nempi.
4 Uyakhazimula ngobukhosi, lapho uvela ezintabeni zempango.
5 Bachithekile abaqinile ngenhliziyo, balele ubuthongo babo; amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.
6 Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.
7 Wena, yebo, wena uyesabeka; ngubani ongema ebusweni bakho ngesikhathi solaka lwakho na?
8 Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini; umhlaba wesaba, wathula
9 mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele, asindise bonke abathobekileyo bomhlaba.
10 Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.
11 Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.
12 Uyanquma umoya wezikhulu, wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.