Bible

Power Up

Your Services with User-Friendly Software

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 67

:
Zulu - 1959
1 UNkulunkulu makabe nomusa kithina, asibusise; makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu,
2 ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni, insindiso yakho kubo bonke abezizwe.
3 Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke.
4 Izizwe mazijabule, zethabe; ngokuba izizwe uzahlulela ngokulunga, uzihola izizwe emhlabeni.
5 Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke.
6 Umhlaba uthelile izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.
7 UNkulunkulu uyasibusisa; imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.