Bible

Simplify

Your Church Tech & Streamline Your Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 60

:
Zulu - 1959
1 Nkulunkulu usilahlile, usichithile; mawubuye usilulamise.
2 Uzamazamisile umhlaba, wawudabula izimfa; zivale izimfa zawo, ngokuba uyazamazama.
3 Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima; usiphuzisile iwayini, sabhuyazela.
4 Abakwesabayo ubanike ibhanela* ukuba liphakanyiswe ngenxa yeqiniso.
5 Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe, sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele.
6 UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi: “Ngiyakwethaba; ngiyakulidabula iShekemi, ngisilinganise isiGodi saseSukoti.
7 Ngowami uGileyadi, ngowami uManase; u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.
8 UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela; phezu kuka-Edomi ngiphonsa isicathulo sami; yethaba ngami, Filistiya.”
9 Ngubani oyakungiyisa emzini oqinileyo na? Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?
10 Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.
11 Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni, ngokuba ukusiza komuntu kuyize.
12 NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla; yena uyakunyathela phansi izitha zethu.