Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 58

:
Zulu - 1959
1 Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na? Madodana abantu, nahlulela ngobuqotho na?
2 Ingani enhliziyweni niphehla imisebenzi emibi; ezweni nilinganisa ngesilinganiso ukudluzula kwezandla zenu.
3 Ababi bahlubuka kwasesizalweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini.
4 Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka; banjengebululu eliyisithulu, elivimba indlebe yalo,
5 lingalaleli izwi lezinyanga ezilumba amalumbo ngokuhlakanipha.
6 Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo, Nkulunkulu! Phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova!
7 Mabaphele njengamanzi agobhozayo; nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi iqundekile.
8 Mababe njengomnenke oncibilika, uphele, njengokuphuphume kowesifazane okungalibonanga ilanga.
9 Amabhodwe enu engakazizwa izinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza noma zivutha.
10 Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo; uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi,
11 abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo; impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.”