1Uzigabiselani ngokubi wena siqhwaga na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.
2Ulimi lwakho lusongoza okubi njengempuco eloliweyo, wena owenza amacebo.
3Uthanda okubi kunokuhle, namanga kunokukhuluma ukulunga.
4Uthanda onke amazwi okubhubhisa wena lulimi lwenkohliso.
5Ngakho-ke uNkulunkulu uyakukubhidliza kuze kube phakade; uyakukubamba, akukhiphe etendeni lakho, akusiphule ezweni labaphilayo.
6Abalungileyo bayakukubona, besabe; bayakumhleka, bathi:
7“Bheka, nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso.”
8Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu; ngithemba umusa kaNkulunkulu njalonjalo kuze kube phakade naphakade.
9Ngizakukudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile; ngizakulindela igama lakho, ngokuba lihle phambi kwabangcwele bakho.