Psalms 491959

1Yizwani lokhu nonke nina bantu; bekani indlebe nina nonke enakhileyo ezweni,

2abantukazana nezikhulu, abacebileyo nabampofu.

3Umlomo wami uzakukhuluma ukuhlakanipha, ukuzindla kwenhliziyo yami kuzakuba ngokokuqonda.

4Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga, ngiphenye imfumbe yami ngehabhu.*

5Bengizakwesabelani ezinsukwini ezimbi, lapha ububi babangizingelayo bungihaqa,

6labo abathemba imfuyo yabo bezigabisa ngomcebo wabo omkhulu, na?

7Umuntu angemhlenge umfowabo, angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye.

8Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu; akunakuphela nanini

9ukuba aphile njalo, angaboni ukubola.

10Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa nokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha, imfuyo yabo bayishiyele abanye.

11Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane; amazwe abo bawabiza ngamagama abo.

12Kepha umuntu, nokuba enodumo, akayikuma; ufana nezilwane ezibhubhayo.

13Le ndlela yabo ingubuwula babo, balandelwa ngabavumela umlomo wabo.

14Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu; ukufa kuyakubalusa, abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.

15Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wami esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela.

16Ungesabi, nxa umuntu eceba, nxa ubukhosi bendlu yakhe banda.

17Ngokuba ekufeni kwakhe akayikuphatha lutho; ubukhosi bakhe abuyikwehla naye.

18Noma ebusisa umphefumulo wakhe esaphila, futhi abantu bekudumisa, ngokuba uzondle kahle,

19nokho uyakuya esizukulwaneni sawoyise; abayikukubona ukukhanya naphakade.

20Umuntu onodumo engenakuqonda unjengezilwane ezibhubhayo.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for Psalms 49.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.