Bible

Engage

Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 47

:
Zulu - 1959
1 Shayani izandla, zizwe zonke; hlokomani kuNkulunkulu ngezwi lokuhalalisa.
2 Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka; uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke.
3 Wathobisa abantu phansi kwethu, nezizwe phansi kwezinyawo zethu.
4 Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo.
5 UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma, uJehova ngokukhala kwecilongo.
6 Hubelani uNkulunkulu, hubani! Hubelani iNkosi yethu, hubani!
7 Ngokuba uNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke; hubani ihubo!
8 UNkulunkulu uyabusa izizwe; uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe esingcwele sobukhosi.
9 Izikhulu zabantu zibuthene, zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu; uphakeme kakhulu.