1Shayani izandla, zizwe zonke; hlokomani kuNkulunkulu ngezwi lokuhalalisa.
2Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka; uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke.
3Wathobisa abantu phansi kwethu, nezizwe phansi kwezinyawo zethu.
4Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo.
5UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma, uJehova ngokukhala kwecilongo.
6Hubelani uNkulunkulu, hubani! Hubelani iNkosi yethu, hubani!
7Ngokuba uNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke; hubani ihubo!
8UNkulunkulu uyabusa izizwe; uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe esingcwele sobukhosi.
9Izikhulu zabantu zibuthene, zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu; uphakeme kakhulu.