Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 36

:
Zulu - 1959
1 Inkulumo yesiphambeko komubi, isekujuleni kwenhliziyo yami, ithi: Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe.
2 Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamthopha emehlweni akhe, ukuze kungafunyanwa, azondeke ngakho.
3 Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso; ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.
4 Uceba okubi ecansini lakhe, uzimisa endleleni engalungile; okubi kakwenyanyi.
5 Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini, nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.
6 Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi, ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu; usindisa abantu nezilwane, Jehova.
7 Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka; abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.
8 Bayakusutha ngamanoni endlu yakho, ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho.
9 Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.
10 Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo, nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo.
11 Unyawo loziqhenyayo malungangifikeli; nesandla somubi masingangixoshi.
12 Bheka, bawile abenza okubi; bawiswe phansi, abasenakuvuka.