Psalms 34
1 Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.
2 Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova; abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule.
3 Mtuseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye.
4 Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.
5 Babheka kuye phezulu, bakhanya; ubuso babo abusoze bajabha.
6 Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa, wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.
7 Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.
8 Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.
9 Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe, ngokuba abasweli lutho abamesabayo.
10 Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe, kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.
11 Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.
12 Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na?
13 Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso.
14 Deda kukho okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukujonge.
15 Amehlo kaJehova akubo abalungileyo; izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.
16 Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.
17 Labo bayakhala, uJehova uyezwa; uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.
18 UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo.
19 Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.
20 Uyawagcina onke amathambo akhe; alaphulwa nelilodwa kuwo.
21 Okubi kuyakumbulala omubi; abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala.
22 UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe; akakho kwabamethembayo oyakuba necala.