Bible

Transform

Your Worship Experience with Great Ease

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 32

:
Zulu - 1959
1 Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sisibekelwe.
2 Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli isiphambeko, kungekho nkohliso emoyeni wakhe.
3 Kwathi ngithule, amathambo ami aguga ngokububula kwami usuku lonke.
4 Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami, uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo.
5 Ngasivuma isono sami kuwe, angisifihlanga isiphambeko sami; ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,” wena wathethelela icala lesono sami.
6 Ngakho-ke yilowo nalowo olungileyo makakhuleke kuwe ngesikhathi sokukufumana; impela kuyakuthi lapho amanzi amakhulu ekhukhula, angafinyeleli kuye.
7 Wena uyindawo yami yokucasha; uyangilondoloza ngingahlupheki; ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa.
8 Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami.
9 Ningabi njengehhashi nembongolo engenangqondo; umkhala netomu yimvunulo yayo yokuyiqondisa, uma ingasondeli kuwe.
10 Omubi unezinhlupheko eziningi, kepha othemba uJehova umusa uyakumphahla.
11 Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo, nethabe nina nonke baqotho ngenhliziyo.