Bible

Create

Inspiring Presentations Without Hassle

Try Risen Media.io Today!

Click Here

Psalms 14

:
Zulu - 1959
1 Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akakho uNkulunkulu.” Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo; akakho owenza okuhle.
2 UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantu ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo, ofuna uNkulunkulu.
3 Baphambukile bonke, bonakele bonke; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.
4 Abaqondi lutho yini bonke abenza okubi, abadla abantu bami, njengokuba bedla isinkwa, bangakhuleki kuJehova, na?
5 Khona besaba nokwesaba, ngokuba uNkulunkulu ukuso isizukulwane sabalungileyo.
6 Icebo lohluphekileyo niyalijabhisa, kepha uJehova uyisiphephelo sakhe.
7 Sengathi ukusindiswa kuka-Israyeli kungavela eSiyoni. Mhla uJehova ebuyisa ukuthunjwa kwabantu bakhe uJakobe uyakwethaba, u-Israyeli ajabule.