Psalms 1271959

1Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.

2Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.

3Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo.

4Njengemicibisholo esandleni seqhawe banjalo abantwana bobusha.

5Ibusisiwe indoda emgodla wayo ugcwele bona; abayikujabha lapho bekhuluma nezitha zabo esangweni.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for Psalms 127.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.