Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 101

:
Zulu - 1959
1 Ngizakuhlabelela ngomusa nokwahlulela, ngikudumise wena Jehova.
2 Ngizakuqaphelisisa indlela engenacala. Uyakuza nini kimi na? Ngizakuhamba endlini yami ngenhliziyo engenacala.
3 Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi; ukwenza kwabahlubukayo ngiyakuzonda; akuyikunamathela kimi.
4 Inhliziyo ephambeneyo iyakusuka kimi; omubi angiyikumazi.
5 Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda; onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela.
6 Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlaba ukuba bahlale nami; ohamba endleleni engenacala uyakungikhonza.
7 Osebenza ukukhohlisa akayikuhlala endlini yami; okhuluma amanga akayikuma phambi kwamehlo ami.
8 Ekuseni imihla ngemihla ngiyakubaqeda bonke ababi bomhlaba, ukuze nginqume emzini kaJehova bonke abenzi bokubi.