Bible

Create

Inspiring Presentations Without Hassle

Try Risen Media.io Today!

Click Here

Psalms 1

:
Zulu - 1959
1 Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali enkundleni yabaklolodayo,
2 kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.
3 Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.
4 Ababi abanjalo, kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya.
5 Ngalokho ababi abayikuma ekwahlulelweni, nezoni ebandleni labalungileyo.
6 Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kodwa indlela yababi yobhubha.