Numbers 121959

1OMiriyamu no-Aroni bakhuluma bemelene noMose ngenxa yowesifazane wakwaKushe amthathile; ngokube wayethathile owesifazane wakwaKushe.

2Bathi: “Imbala uJehova ukhulumile kuMose kuphela na? Akakhulumanga nakithi na?” UJehova wakuzwa.

3Kodwa lowo muntu uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.

4UJehova wayesekhuluma ngokuzumayo kuMose naku-Aroni nakuMiriyamu, wathi: “Wozani nina nobathathu etendeni lokuhlangana.” Baphuma bobathathu.

5UJehova wehla esensikeni yefu, wema ngasemnyango wetende, wabiza o-Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili.

6Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho.

7Inceku yami uMose akanjalo; uthembekile endlini yami yonke;

8ngiyakukhuluma naye umlomo nomlomo ngokusobala, kungabi ngamazwi ayimfumbe; isimo sikaJehova uyakusibona; anesabanga ngani ukukhuluma ngenceku yami uMose na?”

9Intukuthelo kaJehova yabavuthela; wayesemuka.

10Ifu lasuka phezu kwetende; bheka, uMiriyamu wayesenochoko, enjengeqhwa; u-Aroni wambheka uMiriyamu; bheka, wayenochoko.

11U-Aroni wathi kuMose: “O nkosi, ake ungabeki isono phezu kwethu ngalokho esikwenzile ngobuwula, nangalokho esone ngakho.

12Ake angabi njengofileyo, onyama yakhe idliwe inxenye, nxa ephuma esizalweni sikanina.”

13UMose wakhala kuJehova, wathi: “O Nkulunkulu, mawumphulukise, ngiyakuncenga.”

14UJehova wathi kuMose: “Uma uyise ebemkhafulele ebusweni, ubengebe namahloni izinsuku eziyisikhombisa na? Makavalelwe ngaphandle kwekamu* izinsuku eziyisikhombisa; ngasemva kwalokho uyakubuye angeniswe.”

15UMiriyamu wavalelwa ngaphandle kwekamu* izinsuku eziyisikhombisa; abantu abahambanga, waze wabuyiswa uMiriyamu.

16Ngasemuva abantu basuka eHaseroti, bamisa ehlane lasePharanu.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for Numbers 12.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.