Nahum 21959

1Kukhuphukela umchithi kuwe; gcina inqaba, ulinde indlela, uqinise izinkalo zakho, uwenze amandla akho ukuba aqine.

2Ngokuba uJehova uyabuyisa ukuphakama kukaJakobe njengokuphakama kuka-Israyeli, lokhu abathululayo bebathululile, bachitha amagatsha emivini yabo.

3Izihlangu zamaqhawe akhe zibomvu, amadoda anamandla embethe okubomvu; izinqola zibengezela umlilo ensimbini ngosuku lokuzilungisela kwakhe; imikhonto iyaveva.

4Izinqola ziyahlanya ezitaladini, ziyaficana ezigcawini; ukubonakala kwazo kunjengezimbaqa, zigijima njengemibani.

5Useyakhumbula izikhulu zakhe, ziyakhubeka ekuhambeni kwazo; zisheshela izingange zakhona, izivikelo ziyalungiswa.

6Amasango emifula ayavulwa, indlu yamakhosi iyancibilika.

7Kunqunyiwe: liyambulwa, lisuswe; izincekukazi zalo zibubula ngezwi lamajuba, zibetha phezu kwezinhliziyo zazo.

8Kepha iNineve linjengechibi lamanzi kwasendulo, nokho bayabaleka. “Yimani, yimani!” Kepha akakho ophendukayo.

9Phangani isiliva! Phangani igolide! Ngokuba akukho ukuphela kokunqwatshelweyo nokukhazimula kwazo zonke izinto ezinxanelekayo.

10Liyize, alisenalutho, lichithekile; inhliziyo iyancibilika, amadolo ayashayana, imihelo isezinkalweni zonke, nobuso babo bonke buphaphathekile.

11Uphi umphandu wezingonyama, nedlelo lamabhongo ezingonyama, lapho kwahamba ingonyama nengonyamakazi nebhongo lengonyama, kungekho okwesabisayo na?

12Ingonyama yadwengula okwanele amabhongo ayo, yabindela izingonyamakazi zayo; yagcwalisa imiphandu yayo ngempango nemigede yayo ngengcugco.

13“Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti; “ngiyakushisa izinqola zakho emsini, inkemba idle amabhongo akho ezingonyama; ngiyakunquma impango yakho emhlabeni, nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.”

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for Nahum 2.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.