Micah 21959

1Wo! kwabaceba ububi, benze okubi emibhedeni yabo! Ekukhanyeni kokusa bayakwenza, ngokuba kusemandleni ezandla zabo.

2Bafisa amasimu, bawadluzule, nezindlu, bazisuse; bacindezela indoda nendlu yayo, umuntu nefa lakhe.

3Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bhekani, ngiceba okubi ngalo mndeni, eningayikukhipha kukho izintamo zenu; futhi ningahambi ngokuzidla, ngokuba lokhu kuyisikhathi esibi.

4Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani, bakhale isililo, bathi: ‘Sichithiwe nokuchithwa; isabelo sabantu bami sinikwa omunye; yeka ukubuya kwakhe kimi; abahlubuki babelwa amasimu ethu.’ ”

5Ngalokho akuyikubakho ophonsa intambo ngenkatho ebandleni likaJehova.

6“Ningaprofethi,” baprofetha, basho njalo, “ningaprofethi ngalokho; ihlazo aliyikusifica.”

7Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe, ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile; yizenzo zakhe lezi na? “Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho?

8Kepha kade bevukile abantu bami baba yizitha; nihlubula ingubo esambathweni sabadlula ngethemba, befulathele ukulwa.

9Niyaxosha abesifazane babantu bami ezindlini zokuthokoza kwabo, nisusa ezinganeni zabo ubukhosi bami kuze kube phakade.

10Sukumani nihambe, ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu; ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla.

11Uma bekuhambahamba umuntu okhuluma umoya nje namanga, athi: ‘Ngiyakuprofetha kuwe ngewayini nangophuzo olunamandla,’ ubeyakuba ngumprofethi walaba bantu.

12“Ngiyakukubutha, Jakobe, wonke wakho; ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwa-Israyeli; ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira, njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo, kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu.

13Umfohli ukhuphuka ngaphambi kwabo; sebefohlile, badlulela esangweni, baphuma ngalo; inkosi yabo idlulile phambi kwabo, noJehova usesihlokweni sabo.”

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for Micah 2.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.