Judges 101959

1Emva kuka-Abimeleki kwavela uThola indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakare, ukuba asindise u-Israyeli; wayehlala eShamiri ezintabeni zakwa-Efrayimi.

2Wamahlulela u-Israyeli iminyaka engamashumi amabili nantathu, wafa, wembelwa eShamiri.

3Emva kwakhe kwavela uJayire wakwaGileyadi, wamahlulela u-Israyeli iminyaka engamashumi amabili nambili.

4Wayenamadodana angamashumi amathathu agibela amathole ezimbongolo angamashumi amathathu; ayenemizi engamashumi amathathu ethiwa iHavoti Jayire kuze kube namuhla, esezweni lakwaGileyadi.

5UJayire wafa, wembelwa eKhamoni.

6Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, babakhonza oBali, no-Ashitaroti, nawonkulunkulu base-Aramu, nawonkulunkulu baseSidoni, nawonkulunkulu bakwaMowabi, nawonkulunkulu babantwana bakwa-Amoni, nawonkulunkulu bamaFilisti, bamshiya uJehova, kabamkhonza.

7Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni samaFilisti nasesandleni sabantwana bakwa-Amoni.

8Bakhathaza, bacindezela abantwana bakwa-Israyeli ngalowo mnyaka; iminyaka eyishumi nesishiyagalombili babacindezela bonke abantwana bakwa-Israyeli ababengaphesheya kweJordani ezweni lama-Amori elikwaGileyadi.

9Abantwana bakwa-Amoni bawela iJordani ukuba balwe noJuda noBenjamini nendlu yakwa-Efrayimi; u-Israyeli wantula kakhulu.

10Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sakhonza oBali.”

11UJehova wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Anginisindisanga yini kubo abaseGibithe, nakuwo ama-Amori, nakubo abantwana bakwa-Amoni, nakuwo amaFilisti, na?

12Nacindezelwa ngamaSidoni, nama-Amaleki, namaMahoni, nakhala kimi, nganisindisa esandleni sawo.

13Nokho ningishiyile, nakhonza abanye onkulunkulu; ngalokho angisayikunisindisa.

14Hambani nikhale konkulunkulu enibakhethileyo; mabanisindise ngesikhathi sosizi lwenu.”

15Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuJehova: “Sonile; yenza kithi okuthandayo; kepha ake usophule kuphela namuhla.”

16Base besusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo, bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe wakhathazeka ngokuhlupheka kwabakwa-Israyeli.

17Kwabuthwa abantwana bakwa-Amoni, bamisa kwaGileyadi. Kepha abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamisa eMispa.

18Abantu, izikhulu zakwaGileyadi, bathi omunye komunye: “Ngumuphi umuntu oyakuqala ukulwa nabantwana bakwa-Amoni na? Yena uyakuba yinhloko yabo bonke abakhe kwaGileyadi.”

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for Judges 10.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.