Job 321959

1Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe.

2Lwase luvutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.

3Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu, ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe.

4U-Elihu wayelindele ukukhuluma kuJobe, ngokuba bona babebadala kunaye.

5Lapho u-Elihu esebona ukuthi ayikho impendulo emilonyeni yalawo madoda amathathu, lwavutha ulaka lwakhe.

6U-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi, wayesethatha-ke, wathi: “Mina ngisemusha ngeminyaka, nina nibadala; ngalokho nganginamahloni, ngesaba ukunitshela umqondo wami.

7Ngathi: ‘Makukhulume izinsuku, ubuningi beminyaka bazise ukuhlakanipha.’

8Nokho kukhona umoya kumuntu; ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.

9Abakhulu abahlakaniphile, nabadala abaqondi ukwahlulela.

10“Ngalokho ngithi: Ngizweni; nami ngiyakusho umqondo wami.

11Bhekani, ngilindele amazwi enu, ngabeka indlebe emiqondweni yenu, nisaphenya eniyakukusho.

12Nganilalela nina; bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJobe nowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.

13Maningasho ukuthi: ‘Sifumene ukuhlakanipha; uNkulunkulu angamphengulula, hhayi umuntu.’

14Akahlelelanga mina amazwi akhe; angiyikumphendula ngezinkulumo zenu.

15“Bayakhungatheka, abasaphenduli; baphelelwa ngamazwi.

16Ngibalindele yini, uma bengakhulumi, na? Ngokuba bemi bengasaphenduli.

17Nami ngiyakuphendula okwami, ngitshengise nami umqondo wami.

18Ngokuba ngigcwele amazwi; umoya phakathi kwami uyangiqhubezela.

19Bhekani, okuphakathi kwami kunjengewayini elingenambobo; kucishe ukuqhuma njengezimvaba ezintsha.

20Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke; ngiyakuvula izindebe zami ukuba ngiphendule.

21Mangingakhethi ubuso bamuntu, ngingathophi nobani.

22Ngokuba angikwazi ukuthopha; uma kunjalo, uMenzi wami angangisusa masinyane.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for Job 32.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.