Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Job 25

:
Zulu - 1959
1 Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:
2 “Ukubusa nokwesabeka kukuye owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.
3 Ukhona yini ongabala izimpi zakhe, nokukhanya kwakhe akuphumeli bani na?
4 Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?
5 Bheka, nenyanga ayinankazimulo, nezinkanyezi azihlambulukile emehlweni akhe.
6 Pho, kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu, nendodana yomuntu eyisibungu, na?”