Job 231959

1Wayesephendula uJobe, wathi:

2“Nanamuhla ukukhala kwami kumunyu; isandla sami siyasinda ngokububula kwami.

3Sengathi ngingazi ukuthi ngiyakumtholaphi, ngize ngifike endlini yakhe,

4ngilungise ukwahlulelwa kwami phambi kwakhe, ngigcwalise umlomo wami ngezimpendulo.

5Bengiyakuwazi amazwi abeyakungiphendula ngawo, ngiqonde ukuthi ubeyakuthini kimi.

6Ubeyakuphikisana nami ngamandla akhe amakhulu na? Cha, ubeyakubhekisa kimi.

7Lapho olungileyo ubeyakuphikisana naye, mina ngikhululwe kumahluleli wami kuze kube phakade.

8Kodwa bheka, ngiya empumalanga, kepha akakho, nasentshonalanga, kepha angimboni,

9nangasenyakatho ekusebenzeni kwakhe, kepha akabonwa; ujikela ngaseningizimu, kepha akabonakali.

10Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide.

11Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.

12Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.

13“Kodwa uyinto inye, ngubani ongambuyisa na? Okufisayo umphefumulo wakhe, lokho uyakwenza.

14Uyakufeza engikumiselweyo; izinto eziningi ezinjalo zikuye.

15Ngalokho ngishaywa luvalo ebusweni bakhe; lapho ngikuqaphela, ngiyamesaba.

16NguNkulunkulu odangalisileyo inhliziyo yami, uSomandla ungethusile,

17ngokuba anginqunywanga, bungakafiki ubumnyama; wangifihlela ukuhlwa.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for Job 23.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.