Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Jeremiah 47

:
Zulu - 1959
1 Izwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofethi ngamaFilisti, uFaro engakanqobi iGaza.
2 Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho, abe ngumfula okhukhulayo, akhukhule izwe nokugcwala kwalo, umuzi nabakhileyo kuwo; abantu bayakukhala, bonke abakhileyo ezweni bahhewule.
3 Ngomsindo wokudubhuza kwezinselo zamahhashi akhe anamandla, nangokuduma kwezinqola zakhe, nangodumo lwamasondo akhe oyise ababheki emuva kubantwana ngenxa yobuthakathaka bezandla zabo
4 ngenxa yosuku olufika ukuchitha onke amaFilisti nokunquma eTire naseSidoni bonke abasizi abaseleyo, ngokuba uJehova uyakuwachitha amaFilisti, insali yesiqhingi saseKafitori.
5 Ubumpandla bulehlele iGaza; i-Ashikeloni liphelile, insali yesigodi sabo; uyakuzisika kuze kube nini na?
6 “Awu wena nkemba kaJehova, koze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.
7 Ingathula kanjani, lapho iyalezwe nguJehova, na? Uyinqumele i-Ashikeloni nogu lolwandle.”