Isaiah 51
1 “Ngilaleleni nina enilandela ukulunga, nina enimfunayo uJehova; bhekani kulo idwala eniqhezulwe kulo, nakuyo imibhobo yomgodi enakhishwa kuyo.
2 Bhekani ku-Abrahama uyihlo, nakuSara owanizalayo, ngokuba eseyedwa ngambiza, ngambusisa, ngamandisa.
3 Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo, enze ihlane lalo libe njenge-Edene, noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova; injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona, ukubonga nezwi lokuhlabelela.
4 “Ngizweni, bantu bami, ningibekele indlebe nina sizwe sami, ngokuba kuyakuphuma kimi umthetho, ngibeke ukwahlulela kwami kube ngukukhanya kwabantu.
5 Ukulunga kwami kuseduze, insindiso yami iphumile, izingalo zami ziyakubahlulela abantu; iziqhingi ziyangihlalela, zilindela umkhono wami.
6 Phakamiselani amehlo enu ezulwini, niwubheke umhlaba phansi, ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane, kepha insindiso yami iyakuma kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyikuphela.
7 “Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla ngezithuko zabo.
8 Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo, nebhu libadle njengoboya bezimvu, kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade, nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”
9 Vuka, vuka, wembathe amandla wena mkhono kaJehova, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zamandulo. Akusuwe owamnquma kabili uRahabi, wamgwaza udrako,* na?
10 Akusuwe owomisa ulwandle, amanzi asotweni olujulileyo, owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela yokuba kuwele abahlengiweyo, na?
11 Abahlawulelweyo bakaJehova bayakubuya, bafike eSiyoni bejabula; intokozo engapheliyo iyakuba semakhanda abo, bathole injabulo nentokozo, usizi nokububula kubaleke.
12 “Yimina, yimi enginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?
13 Ukhohliwe uJehova uMenzi wakho owaleneka izulu nowasibeka isisekelo somhlaba; uthuthumele njalo izinsuku zonke ngokufutheka komcindezeli njengokungathi ozilungiselela ukuchitha; kuphi ukufutheka komcindezeli na?
14 Othotshisiweyo uyakushesha ukukhululwa; kayikufa, kayikwehlela egodini, kayikuswela isinkwa sakhe.
15 NginguJehova uNkulunkulu wakho ovusa ulwandle, ukuze amaza alo ahlokome; nguJehova Sebawoti igama lakhe.
16 Ngiwabekile amazwi ami emlonyeni wakho, ngikusibekele emthunzini wesandla sami, ukuze ngiwatshale amazulu, ngisibeke isisekelo somhlaba, ngithi kulo iSiyoni: ‘Wena uyisizwe sami.’ ”
17 Vuka, vuka, usukume wena Jerusalema ophuzile esandleni sikaJehova indebe yokufutheka kwakhe; uphuzile isitsha sendebe yokutengezela, wasiminya.
18 Akakho ongalihola phakathi kwawo onke amadodana eliwazalileyo. Akakho ongalibamba ngesandla kuwo onke amadodana eliwakhulisileyo.
19 Lokhu kokubili kukwehlele; ngubani okukhalelayo na? Lapho kukhona incithakalo nokubhujiswa, ukulamba nenkemba, ngubani ongakududuza na?
20 Amadodana akho adangele, alala ezihlokweni zezitaladi zonke, njengewula esihibeni; agcwele ukufutheka kukaJehova nokukhuza kukaNkulunkulu wakho.
21 Ngalokho ake uzwe lokhu wena ohluphekayo nodakiweyo, kungengewayini kodwa;
22 isho kanje iNkosi yakho uJehova noNkulunkulu wakho emela indaba yabantu, ithi: “Bheka, ngiyithathile esandleni sakho indebe yokutengezela; yebo, isitsha sendebe yokufutheka kwami awusayikusiphuza.
23 Ngiyakusibeka esandleni sabakuhluphayo, abashoyo emphefumulweni wakho ukuthi: ‘Khothama, sidlule phezu kwakho;’ wawusuwubeka umhlane wakho waba njengomhlabathi nesitaladi kwabadlulayo.”