Isaiah 41
1 “Thulani phambi kwami nina ziqhingi, izizwe zithole amandla amasha. Mazisondele, andukuba zikhulume, sisondelane ekwahluleleni.
2 “Ngubani ovusile ukulunga kuphume empumalanga, akubize ukuba kumlandele, anikele izizwe phambi kwakhe, amenze ukuba abuse amakhosi, abenze babe njengothuli ngenkemba yakhe, nanjengamabibi aphephezeliswayo ngomnsalo wakhe, na?
3 Uyabaxosha, adlule kahle ngezindlela angazihambanga ngezinyawo.
4 Ngubani okusebenzileyo, wakwenza, na? Nguye owazibiza izizukulwane kwasekuqaleni: mina Jehova engingowokuqala nenginguye nakwabokuphela.”
5 Iziqhingi ziyakubona, ziyesaba; imikhawulo yomhlaba iyathuthumela; isondele, isifikile.
6 Yilowo nalowo usiza umakhelwane wakhe; uthi komfowabo: “Yiba nesibindi.”
7 Umbazi uqunga umkhandi isibindi, nololonga ngesando uqunga oshaya isikhandelo isibindi, ethi ngokunamathelisa: “Kuhle,” ekubethela ngezipikili, funa kunyakaziswe.
8 “Kepha wena Israyeli, nceku yami, wena Jakobe engikukhethileyo, nzalo ka-Abrahama othandiweyo wami,
9 wena engikuthathile emikhawulweni yomhlaba, ngakubiza emagumbini awo, ngathi kuwe: ‘Wena uyinceku yami,’ ngikukhethile, angikulahlanga;
10 ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
11 “Bheka, bonke abafuthekela wena bayakuba namahloni, bajabhe; abamelene nawe bayakuba njengento engelutho, babhubhe.
12 Uyakubafuna, ungabafumani kodwa, labo bantu abaxabana nawe; abalwa nawe bayakuba njengento engelutho nanjengeze.
13 Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakho obamba isandla sakho sokunene, nothi kuwe: Ungesabi, mina ngiyakusiza.
14 Ungesabi wena mpethu, Jakobe, nani bantu bakwa-Israyeli; mina ngiyakukusiza,” usho uJehova; uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.
15 “Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube yisibhulo esisha esibukhali esinamazinyo; uyakubhula izintaba, uzicolisise, wenze amagquma abe njengamakhoba.
16 Uyakuwahlakaza, umoya uwasuse, isivunguvungu siwachithe; wena uyakuthokoza ngoJehova, uzibonge ngoNgcwele ka-Israyeli.
17 “Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kepha awakho, nolimi lwabo luphele ukoma; mina Jehova ngiyakubaphendula, mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyikubashiya.
18 Ngiyakuvula imifula emadulini angenalutho nemithombo phakathi kwezigodi; ngiyakwenza ihlane libe yichibi lamanzi, nomhlabathi owomileyo ube yiziphethu zamanzi.
19 Ngiyakutshala umsedari* ehlane, umtholo, nombomvana, nomnqumo, ngibeke kwahlongasibi umsayipuresi,* nomthidari,* nomkhoba kanyekanye,
20 ukuze babone, bazi, baqaphele, baqonde kanyekanye ukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokhu nokuthi oNgcwele ka-Israyeli wakudala.
21 “Lethani indaba yenu,” usho uJehova, “nisondeze izizathu zenu,” isho iNkosi kaJakobe.
22 “Mabazisondeze, basitshele okuyakwenzeka; izinto zakuqala ziyini na? Mabasitshele zona ukuba sizibeke ezinhliziyweni zethu, sazi ukuphela kwazo, noma nisizwise okuzayo.
23 Sitsheleni okuzayo ngesikhathi esizayo, sazi ukuthi ningonkulunkulu; yebo, yenzani okuhle noma okubi, simangale, sikubone kanyekanye.
24 Bhekani, nivela kokungekho, nemisebenzi yenu ayiyinto yalutho; uyisinengiso onikhethileyo.
25 “Ukhona engimvusile esenyakatho, wafika, nasempumalanga, ukuba abize igama lami; uyakwehlela phezu kwezikhulu njengaphezu kodaka, njengombumbi exova ibumba.
26 Ngubani owakushoyo kwasekuqaleni ukuba sazi, nangaphambili ukuba sisho sithi: ‘Uqinisile,’ na? Cha, akakho okumemezileyo, akakho nokuzwisileyo, akakho nozwayo amazwi enu.
27 Ngingowokuqala othi kulo iSiyoni: ‘Bheka, babheke,’ nginike iJerusalema umbiki wendaba ethokozisayo.
28 Kepha lapho ngibheka, akukho muntu, akakho phakathi kwabo umluleki ongaphendula ngazwi, lapho ngibabuzayo.
29 Bheka, bayize bonke; imisebenzi yabo ayiyinto yalutho, nezithombe zabo ezibunjiweyo zingumoya nokuyize.