Isaiah 331959

1Wo kuwena ochithayo, kungachithwanga wena, nakuwe okhohlisayo, kungakhohliswanga wena! Lapho uqede ukuchitha uyakuchithwa, nalapho usugcine ukukhohlisa, uyakukhohliswa nawe.

2Jehova, yiba nomusa kithi, sihlalela wena. Yiba yingalo yethu ekuseni njalo, nokusindiswa kwethu ngesikhathi sokuhlupheka.

3Ngezwi lokuhlokoma abantu bayabaleka; ngokuphakama kwakho izizwe ziyahlakazeka.

4Impango iyakubuthwa njengokubutha kwecimbi, nanjengokuhlasela kwezinkumbi iyakuhlaselwa.

5UJehova uphakeme, ngokuba uhlala phezulu; uligcwalisile iSiyoni ngokwahlulela nangokulunga.

6Kuyakuba khona ukuqiniseka ngesikhathi sakho, ubuningi bokusindiswa nokuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.

7Bheka, amaqhawe abo akhala ngaphandle; izithunywa zokuthula zikhala ngomunyu.

8Imigwaqo iyize, izihambi seziphelile; isivumelwano saphuliwe; imizi ideleliwe; umuntu akanakekelewa.

9Izwe liyalila, lidangele; iLebanoni linamahloni, liyabuna; iSharoni linjengehlane, iBashani neKarmeli kuyavuthulukisa.

10“Sengiyakuvuka,” usho uJehova; “sengiyakuphakama; sengiyakuphakanyiswa.

11Niyakukhulelwa yizikhotha ezomileyo, nizale amabibi; ukuphefumula kwenu kungumlilo oniqothulayo.

12Abantu bayakushiswa njengokushiswa komcako, njengameva anqunyiweyo ashiswa ngomlilo.”

13Yizwani nina enikude engikwenzileyo; nani eniseduze, vumani amandla ami.

14Izoni zaseSiyoni ziyesaba, ukuthuthumela kubambile abangenaNkulunkulu. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo; ngubani phakathi kwethu ongahlala nokunkewuzela okuphakade na?”

15Yena ohamba ngokulunga, okhuluma ngobuqotho, odelela inzuzo yokucindezela, othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo, ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa ngegazi, ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi,

16yena uyakuhlala ekuphakameni, izinqaba zamadwala zibe yisivikelo sakhe, aphiwe isinkwa sakhe, amanzi akhe athembeke.

17Amehlo akho ayakuyibona inkosi ebuhleni bayo, ayakubona izwe elelulekele kude.

18Inhliziyo yakho iyakucabanga ngovalo, ithi: “Uphi umbhali, uphi olinganisile intela, uphi obalile imibhoshongo na?”

19Awuyikubona abantu abanobudlova, abantu abanokukhuluma okujulileyo ongenakukuzwa, nabalulimi lwabo olukwitizayo kungekho ongaluqonda.

20Kepha bheka iSiyoni, umuzi wemikhosi yethu; amehlo akho mawabuke iJerusalema, indlu yokuthula, itende elingayikususwa, elizikhonkwane zalo aziyikusishulwa nanini, nelizintambo zalo aziyikugqashulwa neyodwa.

21Kunalokho uJehova uyakuba nathi khona ebukhosini esikhundleni semifula nemifudlana ebanzi, lapho kungayikuhamba khona izikebhe ezinamaphini, nomkhumbi omkhulu ungadluli kuyo.

22Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu, uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyinkosi yethu; uyakusisindisa.

23Izintambo zakho ziyaxega, azinakusiqinisa isiqu sensika yabo, azinakumeneka useyili;* khona iyakwabelwa impango enkulu ephangiweyo; nezinyonga ziyakuthatha impango.

24Abakhe khona abayikusho ukuthi: “Ngiyagula,” abantu abahlala khona bayakuthethelelwa ububi babo.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for Isaiah 33.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.