Isaiah 271959

1Ngalolo suku uJehova uyakuhambela ngenkemba yakhe elukhuni enkulu nenamandla uLeviyathani,* inyoka esheshayo, uLeviyathani, inyoka ethandelayo, abulale udrako* oselwandle.

2Ngalolo suku kuyakuba khona isivini esinxanelekayo. “Hlabelelani ngaso.

3Mina Jehova ngingumlindi waso, ngiyakusinisela njalo; funa soniwe, ngiyakusilinda ubusuku nemini.

4Ukufutheka akukho kimi; sengathi kungaba khona amakhakhasi nameva! Bengiyakuwasukela ngokulwa, ngiwashise kanyekanye,

5noma abambelele emandleni ami ukuba enze ukuthula nami, enzelane ukuthula nami.”

6Ngezinsuku ezizayo uJakobe uyakugxila, u-Israyeli akhahlele, aqhakaze, bagcwalise ubuso bomhlaba ngezithelo.

7Ubashayile njengalokho ebashayile ababashayayo na? Babulewe njengokubulawa kwababulewe nguye na?

8Ngokubamukisa nangokubaxosha uyabajezisa; wabasusa ngomoya wakhe olukhuni ngosuku lomoya wasempumalanga.

9Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu, lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe, lapho enza ukuba onke amatshe e-altare avithizeke njengamatshe omcako, kungabe kusamiswa o-Ashera* nama-altare empepho.

10Ngokuba umuzi obiyelweyo uyize, nekhaya limukelwe, lishiyiwe njengehlane; ithole liyakuklaba khona, libuthise khona, lidle, liqede amahlamvu awo.

11Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa, kufike abesifazane, baphembe umlilo kuwo, ngokuba bangabantu abangenakuqonda; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo.

12Kuyakuthi ngalolo suku uJehova avuthuze ezikhwetshini zasemfuleni kuze kube semfuleni waseGibithe, nibuthwe abanye ngabanye nina bantwana bakwa-Israyeli.

13Kuyakuthi ngalolo suku libethwe icilongo elikhulu, kufike ababelahlekile ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for Isaiah 27.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.