Isaiah 211959

1Isiprofetho ngehlane lolwandle. Njengokudlula kwezivunguvungu eningizimu kuvela ehlane ezweni elesabekayo.

2Ngitshelwe umbono olukhuni: umphangi uyaphanga, umchithi uyachitha. Yenyuka, Elamu, vimbezela, Mediya; konke ukukhala kwalo ngikwenza kuphele.

3Ngalokho ukhalo lwami lugcwele imihelo; inkwantshu ingibambile njengenkwantshu yobelethayo; ngikhonkobele ukuba ngingezwa, ngiphele amandla ukuba ngingaboni.

4Ngadukelwa yingqondo, ngashaywa luvalo; ukuhwelela engakulangazelela kwaphenduka ukuthuthumela kimi.

5Ngukulungisa itafula yini? Ngukwendlala izindwangu, ukudla nokuphuza, na? Hhayi, sukumani, zikhulu, nicobe izihlangu.

6Ngokuba ishilo kanje iNkosi, yathi: “Hamba umise umlindi ozakubika akubonayo.

7Lapho ebona abamahhashi, amahhashi amabili ngamabili, nezinkweli zezimbongolo, nezinkweli zamakamela, uyakuqaphela nokuqaphela ngesineke esikhulu.”

8Obonayo wayesememeza, wathi: “Nkosi yami, ngimi njalo emini embhoshongweni wami, ngihlezi ngisemlindelweni nasebusuku bonke.

9Bheka, kuyeza isigaba samadoda, amahhashi amabili ngamabili. Wathatha wathi: ‘Liwile, liwile iBabele, nazo zonke izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu balo zidilizwe phansi.’ ”

10Wena ongokubhuliweyo kwami kwesibuya sami, engikuzwileyo kuJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, khona ngiyanazisa.

11Isiprofetho ngeDuma. Ukhona ongimemeza ngiseSeyiri, ethi: “Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na? Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?”

12Umlindi wathi: “Kuyeza ukusa, kepha kuse sebusuku. Uma nithanda ukubuza, buzani; buyani nize.”

13Isiprofetho nge-Arabiya. Hlalani ebusuku ehlathini lase-Arabiya nina mahele aseDedanimi.

14Owomileyo bamlethela amanzi abakhileyo ezweni laseThema, bahlangabeza ababalekayo nesinkwa.

15Ngokuba babalekela izinkemba, izinkemba ezihoshiweyo, neminsalo ensaliweyo, nobunzima bempi.

16Ngokuba iNkosi ishilo kimi kanje, yathi: “Phakathi komnyaka, njengeminyaka yomqashwa, udumo lonke lwaseKedari luyakuphela,

17nensali yenani leminsalo yamaqhawe abaseKedari iyakuba ncane,” ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for Isaiah 21.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.