Hosea 91959

1Ungajabuli, Israyeli, kube ngukuthokoza njengokwabezizwe, ngokuba umukile kuNkulunkulu wakho ngokufeba, wathanda inkokhelo kuzo zonke izibuya zamabele.

2Isibuya nesikhamo sewayini akuyikubafunza, iwayini elisha liyakumkhohlisa.

3Abayikuhlala ezweni likaJehova; u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe, nase-Asiriya bayakudla okungcolileyo.

4Abayikuthululela uJehova iwayini; imihlatshelo yabo ayiyikuba mihle kuye, isinkwa sabo sibe njengesinkwa sabalilayo; bonke abasidlayo bayakungcola, ngokuba isinkwa sabo siyakuba ngesephango, singangeni endlini kaJehova.

5Niyakwenze njani ngosuku lomhlangano nangosuku lomkhosi kaJehova na?

6Bhekani, ngokuba bemukile ekuchithweni iGibithe liyakubabutha, iNofi libembele; izinto zabo zamagugu zesiliva ziyakudliwa yizimbabazane, kube ngameva ematendeni abo.

7Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa, izinsuku zempindiselo zisondele; u-Israyeli uyakukwazi. Umprofethi uyakuba njengesiwula, umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakho nangobutha obukhulu;

8umprofethi engumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami, ugibe lomthiyi wezinyoni lukuzo zonke izindlela zakhe, nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.

9Bazonakalisile ngokujulileyo njengasezinsukwini zaseGibeya; uyakhumbula ububi babo, uyabahambela ngezono zabo.

10“Ngamfumana u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona oyihlo njengolibo emkhiwaneni ngesikhathi sawo sokuqala. Kepha bafika eBali Peyori, bazahlukanisela okunezinhloni, baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo.

11Udumo luka-Efrayimi luyakundiza, lumuke njengenyoni, kungabikho ukuzala, nonesisu, nokukhulelwa.

12Noma bekhulisa abantwana babo, nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu; yebo, maye kubo, lapho ngimuka kubo!

13U-Efrayimi, njengalokho ngibone eTire, utshalwe endaweni emnandi, kepha u-Efrayimi uyakukhiphela umbulali abantwana bakhe.

14“Banike, Jehova uyakunikani? Banike isisu esiphuphumayo namabele omileyo.

15“Bonke ububi babo buseGiligali; ngalokho ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.

16U-Efrayimi ushayiwe, impande yabo yomile, abayikuthela izithelo. Noma bezala, ngiyakubulala okuthandekayo kwesisu sabo.”

17UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, babe ngabazulazulayo phakathi kwabezizwe.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for Hosea 9.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.