Genesis 501959

1UJosefa wawa ebusweni bukayise, wakhala phezu kwakhe, wamanga.

2UJosefa wayala izinceku zakhe izinyanga ukuba zimgqumise uyise ngemithi; izinyanga zamgqumisa-ke u-Israyeli ngemithi.

3Zaphelela izinsuku zakhe ezingamashumi amane, ngokuba ziphelela kanjalo izinsuku zokugqumisa ngemithi; abaseGibithe bamkhalela izinsuku ezingamashumi ayisikhombisa.

4Sezidlulile izinsuku zokumkhalela, uJosefa wakhuluma kuyo indlu kaFaro, wathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni enu, ake nikhulume ezindlebeni zikaFaro ngokuthi

5ubaba wangifungisa wathi: ‘Bheka, ngiyafa; ethuneni engizimbele lona ezweni laseKhanani uzakungingcwaba kulo.’ Ngalokho ake ngikhuphuke, ngimmbele ubaba, bese ngibuya.”

6Wayesethi uFaro: “Khuphuka, ummbele uyihlo njengokukufungisa kwakhe.”

7Khona uJosefa wakhuphuka ukuyommbela uyise; zakhuphuka naye zonke izinceku zikaFaro, nezikhulu zendlu yakhe, nezikhulu zonke zezwe laseGibithe,

8nendlu yonke kaJosefa, nabafowabo, nendlu kayise; bashiya ezweni laseGosheni izingane zabo, nezimvu zabo, nezinkomo zabo kuphela.

9Kwakhuphuka nabo nezinqola, nabamahhashi; kwaba yibandla elikhulu impela.

10Baya, bafika eGoreni Hathadi elingaphesheya kweJordani; lapho bakhala nokukhala impela, okunzima kakhulu; wamenzela uyise isililo izinsuku eziyisikhombisa.

11Abakhileyo ezweni, amaKhanani, sebebone isililo eGoreni Hathadi bathi: “Lokhu kuyisililo esinzima sabaseGibithe.” Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi i-Abela Misirayimi* elingaphesheya kweJordani.

12Amadodana akhe amenzela njengalokho ewayalile;

13ngokuba amadodana akhe amyisa ezweni laseKhanani, ammbela emhumeni wasensimini yaseMakaphela, u-Abrahama awuthenga kanye nensimu ku-Efroni umHeti, ube yindawo yokumbela, ngaphambi kweMamre.

14UJosefa wayesebuyela eGibithe, yena nabafowabo, nabo bonke ababekhuphuke naye ukummbela uyise, emva kokungcwaba kwakhe uyise.

15Sebebonile abafowabo bakaJosefa ukuthi uyise ufile, bathi: “Mhlawumbe uJosefa uzakusizonda, asiphindisele nokusiphindisela konke okubi esakwenza kuyena.”

16Base bethumela kuJosefa, bethi: “Uyihlo wayala engakafi, wathi:

17‘Niyakusho kuJosefa ukuthi: Ake uthethelele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo, ngokuba bakwenzela okubi.’ Manje siyakucela ukuthi: Ake uthethelele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo.” UJosefa wakhala, besakhuluma kuye.

18Base befika nabafowabo, bawa phansi ebusweni bakhe, bathi: “Bheka, siyizinceku zakho.”

19UJosefa wayesethi kubo: “Ningesabi; kanti ngisesikhundleni sikaNkulunkulu na?

20Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba akwenze kube njenganamuhla, asindise abantu abaningi.

21Ngalokho ningesabi; mina ngiyakunondla, nina nezingane zenu.” Wabaduduza, wakhuluma kuzo izinhliziyo zabo.

22UJosefa wahlala eGibithe, yena nendlu kayise; uJosefa wahamba iminyaka eyikhulu neshumi.

23UJosefa wabona abantwana bakwa-Efrayimi besizukulwane sesithathu; nabantwana bakwaMakiri indodana kaManase bazalelwa emathangeni kaJosefa.

24Wayesethi uJosefa kubafowabo: “Mina sengiyafa, kepha uNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, anikhuphule kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.”

25UJosefa wayesefungisa amadodana ka-Israyeli, ethi: “UNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, nina nikhuphule amathambo ami lapha.”

26Wayesefa uJosefa eneminyaka eyikhulu neshumi; bamgqumisa ngemithi, wafakwa ebhokisini eGibithe.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for Genesis 50.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.