Genesis 121959

1UJehova wathi ku-Abrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona.

2Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, wena ube yisibusiso.

3Ngiyakubabusisa abakubusisayo, nokuqalekisayo ngiyakumqalekisa; imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe.”

4Wayesesuka u-Abrama, njengalokho uJehova emtshelile; uLoti wahamba naye; u-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu mhla ephuma eHarana.

5U-Abrama wathatha uSarayi umkakhe, noLoti indodana yomfowabo, nempahla yonke ababeyibuthile, nezinceku ababezitholile eHarana; basuka ukuya ezweni laseKhanani; bafika-ke ezweni laseKhanani.

6U-Abrama wadabula izwe, waze wafika endaweni yaseShekemi nase-okini* laseMore; amaKhanani ayesekhona ezweni.

7UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.

8Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi lingasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova.

9Ngasemuva u-Abrama wahamba waqonda njalo ngaseningizimu.

10Kwakukhona indlala ezweni; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona, ngokuba indlala yayinzima ezweni.

11Kwathi esasondela ukungena eGibithe, wathi kuSarayi umkakhe: “Bheka-ke, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle, obukekayo.

12Kuyakuthi ukuba abaseGibithe bakubone, bathi: ‘Ngumkakhe lowo,’ bazakungibulala mina, bakulonde wena.

13Mawuthi ungudadewethu, ukuze kube kuhle kimi ngenxa yakho, umphefumulo wami uphile ngenxa yakho.”

14Kwathi u-Abrama efika eGibithe, abaseGibithe babona owesifazane ukuthi muhle kakhulu.

15Izinduna zikaFaro zambona, zambabaza phambi kukaFaro; owesifazane wangeniswa endlini kaFaro.

16U-Abrama waphathwa kahle ngenxa yakhe; waba nezimvu, nezinkabi, nezimbongolo, nezinceku, nezincekukazi, nezimbongolokazi, namakamela.

17Kepha uJehova wamshaya uFaro nendlu yakhe ngezinhlupho ezinkulu ngenxa kaSarayi umka-Abrama.

18UFaro wayesembiza u-Abrama, wathi: “Kuyini lokho okwenze kimi na? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho na?

19Usholoni ukuthi: ‘Ungudadewethu,’ ngize ngimthathe abe ngumkami, na? Bheka manje, nangu umkakho; mthathe, uhambe.”

20UFaro wayala amadoda ngaye; ammukisa kanye nomkakhe nakho konke anakho.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for Genesis 12.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.