Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Exodus 8

:
Zulu - 1959
1 UJehova wayesethi kuMose: “Ngena kuFaro, uthi kuye: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.
2 Uma wenqaba ukuba basuke, bheka, mina ngiyakushaya izwe lakho lonke ngamasele;
3 umfula uyakuvama amasele; ayakukhuphuka, angene endlini yakho, nasekamelweni lakho lokulala, naphezu kombhede wakho, nasendlini yezinceku zakho, naphezu kwabantu bakho, nasemaziko akho, nasezingqwembeni zakho zokuxova izinkwa.
4 Yebo, kuwena, nakubantu bakho, nasezincekwini zakho zonke ayakwenyukela amasele.’
5 UJehova wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Yelula isandla sakho nenduku yakho phezu kwemifula, naphezu kweminonjana, naphezu kweziziba, wenyusele ezweni laseGibithe.’
6 U-Aroni wayeselula isandla sakhe phezu kwamanzi aseGibithe; amasele akhuphuka-ke, asibekela izwe laseGibithe.
7 Izanusi zenze njalo ngemilingo yazo, zenyusela amasele ezweni laseGibithe.
8 Khona uFaro wababiza oMose no-Aroni, wathi: “Ncengani uJehova ukuba asuse amasele kimi nakubantu bami; ngizakuvumela abantu ukuba bahambe, bahlabele uJehova.”
9 UMose wathi kuFaro: “Ziphakamise phezu kwami, usho ukuthi ngizakukuncengela ngasiphi isikhathi wena nezinceku zakho, nabantu bakho ukuba achithwe amasele kuwe nasezindlini zakho, asale emfuleni kuphela.”
10 Wayesethi: “Ngomuso.” Wathi: “Makube njengezwi lakho ukuba wazi ukuthi akakho onjengaye uJehova uNkulunkulu wethu.
11 Amasele ayakusuka kuwe, nasezindlini zakho, nasezincekwini zakho, nakubantu bakho, asale emfuleni kuphela.”
12 OMose no-Aroni baphuma kuFaro; uMose wakhala kuJehova ngamasele ayewalethile kuFaro.
13 UJehova wenza njengezwi likaMose; amasele afa ezindlini, nasemagcekeni, nasemasimini.
14 Bawabuthela izinqwaba ngezinqwaba, izwe lanuka.
15 Esebona uFaro ukuthi kuyiphefu, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.
16 UJehova wayesethi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Yelula induku yakho, ushaye uthuli lomhlabathi, lube ngomiyane ezweni lonke laseGibithe.’
17 Benze njalo-ke; u-Aroni welula isandla sakhe nenduku yakhe, washaya uthuli lomhlabathi, lwaba ngomiyane kubantu nasezinkomeni; uthuli lonke lomhlabathi lwaba ngomiyane ezweni lonke laseGibithe.
18 Nezanusi zenze njalo ngemilingo yazo ukuba ziveze omiyane, kepha zahluleka. Omiyane babe khona kubantu nasezinkomeni.
19 Zase zithi izanusi kuFaro: “Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu.” Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.
20 UJehova wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kusasa, ume phambi kukaFaro; bheka, uyaphuma ukuya emanzini; thana kuye: ‘UJehova usho kanje, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze.
21 Ngokuba uma wenqaba ukuba basuke, bheka, ngizakuthumela kuwe izibawu, nakuzo izinceku zakho, nakubantu bakho, nasezindlini zakho; izindlu zabaseGibithe ziyakugcwala izibawu kanye nomhlabathi ezikuwo.
22 ‘Ngalolo suku ngiyakwahlukanisa izwe laseGosheni abakhe kulo abantu bami ukuba kungabikho izibawu khona, ukuze wazi ukuthi nginguJehova phakathi kwezwe.
23 Ngizakwahlukanisa abantu bami nabantu bakho; ngomuso siyakuvela lesi sibonakaliso.’
24 Wenze njalo uJehova; kwangena uswebezane olwesabekayo lwezibawu endlini kaFaro, nasezindlini zezinceku zakhe, nasezweni lonke laseGibithe; izwe lachithwa ngenxa yezibawu.
25 Khona uFaro wababiza oMose no-Aroni, wathi: “Hambani nihlabele uNkulunkulu wenu kuleli zwe.”
26 Wayesethi uMose: “Akufanele ukwenze njalo, ngokuba siyakuhlabela uJehova uNkulunkulu wethu lokhu okunengeka kwabaseGibithe; bheka, singahlaba okunengeka kwabaseGibithe emehlweni abo, bangasikhandi ngamatshe, na?
27 Siyakuhamba ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho ezakusiyala.”
28 Wayesethi uFaro: “Ngizakunivumela ukuba nihambe nihlabele uJehova uNkulunkulu wenu ehlane, kepha ningayi kude kakhulu nokho; ngikhulekeleni.”
29 Wathi uMose: “Bheka, ngiyaphuma kuwe; ngiyakuncenga uJehova ukuba izibawu zimuke, zisuke kuFaro, nakuzo izinceku zakhe, nakubantu bakhe ngomuso; kodwa uFaro angabuyi akhohlise ngokungavumeli abantu ukuba bahambe bahlabele uJehova.”
30 UMose wayesephuma kuFaro, wamncenga uJehova.
31 UJehova wayesenza njengezwi likaMose; wasusa izibawu kuFaro, nakuzo izinceku zakhe, nakubantu bakhe; akwasala nesisodwa.
32 UFaro wayenza lukhuni inhliziyo yakhe nangaleso sikhathi futhi, kabavumelanga abantu ukuba bahambe.