Ecclesiastes 41959

1Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga; bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi.

2Ngase ngibusisa abafileyo asebafa kunabaphilayo abasekhona,

3kepha badlulwa bobabili nguye ongakabikho, ongabonanga umsebenzi omubi owenziwa phansi kwelanga.

4Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.

5Isiwula siyasonga izandla zaso, sidle umzimba waso.

6Kungcono ukhweshe lokuthula kunezandla zombili zigcwele umshikashika kanye nokufuna umoya.

7Ngase ngibuye ngabona okunye okuyize phansi kwelanga:

8Kukhona oyedwa, kanaye owesibili, yebo, akanamntwana, kanamfowabo, nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho, namehlo akhe awasuthi ngengcebo. Uthi: “Ngishikashikela-bani, ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na?” Nalokho kuyize nenhlupheko embi.

9Kungcono ababili kunoyedwa, ngokuba banomvuzo omkhulu ngomshikashika wabo.

10Ngokuba uma bewa, omunye uyavusa umngane wakhe; kepha maye kuye oyedwa lapho ewa, engenawesibili wokumvusa!

11Futhi uma ababili belele ndawonye, banokufudumala, kepha oyedwa angafudumala kanjani na?

12Nakuba umuntu ahlula oyedwa, ababili bayakuma phambi kwakhe, nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.

13Kungcono umfana ompofu ohlakaniphileyo kunenkosi egugileyo eyisiwula, engasakwazi ukuxwayiswa,

14ngokuba waphuma etilongweni ukuba abe yinkosi, yebo, wazalwa embusweni wayo empofu.

15Ngabona bonke abaphilayo ababehamba phansi kwelanga bekanye nalowo mfana obeyakuma esikhundleni sakhe;

16kwakungekho ukuphela kwabantu bonke, bonke ayephambi kwabo; nokho abafika emuva abayikuthokoza ngaye. Impela nalokho kuyize nokufuna umoya.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for Ecclesiastes 4.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.