2 Samuel 221959

1UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule,

2wathi: “UJehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;

3uNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.

4Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami.

5“Ngokuba amaza okufa angihaqa; izikhukhula zokona zangethusa.

6Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela.

7Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe.

8“Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezulu zathuthumela, zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele.

9Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye.

10Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.

11Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza; wabonwa emaphikweni omoya.

12Wenza ubumnyama bube ngamadokodo amphahlayo, amanzi aqoqane, amafu abe nzima.

13Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe kwavuthiswa amalahle omlilo.

14UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.

15Wathuma imicibisholo, wabangquzula, yebo, nonyazi, wabadidizelisa.

16Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sikaJehova, ngokufutha komoya wamakhala akhe.

17Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi.

18Wangophula esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile.

19Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami.

20Wangiphumisela endaweni ebanzi: wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.

21“UJehova wangivuza ngokokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.

22Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova; angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

23Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami, nezimiso zakhe angizivumanga ukuba zisuke kimi.

24Ngangiphelele kuye; ngabuxwaya ububi.

25UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami, njengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe.

26“Kothembekileyo uyazibonakalisa ethembekile; kumuntu oqotho uyazibonakalisa eqotho;

27kohlanzekileyo uyazibonakalisa ehlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa enenkani.

28Uyasindisa abantu abathobekileyo, kepha amehlo akho aphezu kwabaqhoshileyo ukuba ubathobise.

29Ngokuba wena uyisibani sami, Jehova; uJehova uyakhanyisa ubumnyama bami.

30Ngokuba ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.

31Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

32“Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

33UNkulunkulu uyangibhincisa amandla; uyenza indlela yami ilunge,

34yena owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi, angimise emagqumeni ami;

35ofundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.

36Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho; ubumnene bakho bungikhulisile.

37Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi.

38“Ngazixosha izitha zami, ngazifica; angibuyanga ngingakaziqedi.

39Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami.

40Wangibhincisa amandla okulwa; ababengivukele wabathobisa phansi kwami.

41Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula.

42Bakhala, kepha akubangakho osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula.

43Ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi; ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini.

44“Wangikhulula ezimpini zabantu bami; wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.

45Abafo bazithoba phansi kwami; banele ukungizwa nje ngendlebe, base bengilalela.

46Abafo babuna, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumela.

47“UJehova usekhona malidunyiswe idwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,

48uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami;

49ongikhiphile ezitheni zami, wangiphakamisa phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.

50Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova, ngilihubele igama lakho.

51Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.”

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for 2 Samuel 22.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.