1 Timothy 31959

1Likholekile leli zwi elithi: Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle.

2Ngakho umbonisi umelwe abe ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, abe ngozikhuzayo, oqondileyo, oziphatha ngokufaneleyo, ongenisa izihambi, onesu lokufundisa,

3ongesilo ixhwele lewayini, ongesiso isilwi, kepha omnene, ongaxabaniyo, onganxaneli imali,

4ophatha kahle indlu yakhe, abantwana bakhe bemthobela ngenhlonipho yonke –

5kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na? –

6angabi ngosanda kukholwa, funa ngokukhukhumala ayele ekulahlweni kukaSathane.

7Kumelwe futhi ukuba abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle, funa ayele esihlambeni nasesihibeni sikaSathane.

8Ngokunjalo namadiyakoni* kufanele abe nesizotha, angabi ndimimbili, angabi ngabanaka kakhulu iwayini, angahaheli inzuzo embi,

9ephethe imfihlakalo yokukholwa kunembeza omhlophe.

10Nalabo mabaqale bahlolwe, andukuba babe ngamadiyakoni, uma bengasoleki.

11Ngokunjalo nabesifazane mababe nesizotha, abangahlebi, abazithibayo, abathembekayo ezintweni zonke.

12Amadiyakoni mawabe ngamadoda amfazi munye, abusa kahle abantwana bawo nemizi yawo.

13Ngokuba amadiyakoni akhonze kahle azizuzela ukuma kahle nesibindi esikhulu ekukholweni okukuKristu Jesu.

14Lokhu ngikulobela khona ngithemba ukuza kuwe masinyane;

15kepha uma ngilibala, khona uyakwazi ukuthi kumelwe ukuba abantu bahambe kanjani endlini kaNkulunkulu eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.

16Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi: Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni, wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for 1 Timothy 3.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.