1 Samuel 271959

1UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngiyakubhubha ngelinye ilanga ngesandla sikaSawule; akukho okungcono kimi kunokuba ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti; uSawule uyakungiyeka, angabe esangifuna emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli, ngiphunyuke esandleni sakhe.”

2Wayesesuka uDavide, wawela, yena nabantu abangamakhulu ayisithupha ababe naye, waya ku-Akhishi indodana kaMahoki, inkosi yaseGati.

3UDavide wahlala no-Akhishi eGati, yena nabantu bakhe, kwaba yilowo nalowo nomuzi wakhe, uDavide enawomkakhe bobabili, o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili waseKarmeli umkaNabali.

4Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekele eGati; akabe esamfuna futhi.

5UDavide wathi ku-Akhishi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, mabanginike indawo komunye wemizi yasemaphandleni ukuba ngihlale khona, ngokuba inceku yakho izakuhlalelani nawe emzini wenkosi na?”

6U-Akhishi wamnika iSikilagi ngalolo suku; ngalokho iSikilagi lingelamakhosi kuze kube namuhla.

7Umumo wezinsuku zokuhlala kukaDavide ezweni lamaFilisti wawungumnyaka nezinyanga ezine.

8UDavide nabantu bakhe benyuka, bangenela amaGeshuri, namaGirizi, nama-Amaleki, ngokuba lawo ayakhe kulelo zwe kwasendulo ekuyiweni eShuri kuze kube sezweni laseGibithe.

9UDavide walichitha izwe, akashiyanga muntu ephilile, owesilisa nowesifazane, wathatha izimvu, nezinkabi, nezimbongolo, namakamela, nezingubo, wabuya, wafika ku-Akhishi.

10U-Akhishi wathi: “Ningenelephi namuhla na?” UDavide wathi: “Bekuseningizimu kwaJuda, naseningizimu kwamaJerameli, naseningizimu kwamaKheni.”

11UDavide akashiyanga owesilisa nowesifazane ephilile ukubayisa eGati, ethi: “Funa basicebe ngokuthi: ‘Wenze njalo uDavide.’ ” Yayinjalo indlela yakhe zonke izinsuku ehlezi ezweni lamaFilisti.

12U-Akhishi wakholwa nguDavide, wathi: “Wenze ukuba anengwe nokunengwa ngabantu bakhe abakwa-Israyeli; ngalokho uyakuba yinceku yami kuze kube nini.”

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for 1 Samuel 27.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.