1 Chronicles 31959

1Laba babe ngamadodana kaDavide azalelwa wona eHebroni: izibulo ngu-Amnoni ku-Ahinohama umHizreyelikazi; owesibili nguDaniyeli ku-Abigayili umKarmelikazi;

2owesithathu ngu-Abisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimayi inkosi yaseGeshuri; owesine ngu-Adoniya indodana kaHagiti;

3owesihlanu nguShefathiya ku-Abithali; owesithupha ngu-Itereyamu ku-Egila umkakhe.

4Wazalelwa ayisithupha eHebroni; wabusa khona iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu.

5Yilaba azalelwa bona eJerusalema: ngoShimeya, noShobabi, noNathani, noSolomoni, bebane, kuBati Shuwa indodakazi ka-Amiyeli,

6noJibari, no-Elishama, no-Elifeleti,

7noNoga, noNefegi, noJafiya,

8no-Elishama, no-Eliyada, no-Elifeleti, beyisishiyagalolunye.

9Bonke labo babe ngamadodana kaDavide ngaphandle kwamadodana ezancinza; uTamari wayengudadewabo.

10Indodana kaSolomoni yayinguRehobowamu; ngu-Abiya indodana yakhe; ngu-Asa indodana yakhe; nguJehoshafati indodana yakhe;

11nguJoramu indodana yakhe; ngu-Ahaziya indodana yakhe; nguJowashi indodana yakhe;

12ngu-Amasiya indodana yakhe; ngu-Azariya indodana yakhe; nguJothamu indodana yakhe;

13ngu-Ahazi indodana yakhe; nguHezekiya indodana yakhe; nguManase indodana yakhe;

14ngu-Amoni indodana yakhe; nguJosiya indodana yakhe.

15Amadodana kaJosiya: izibulo nguJohanani; owesibili nguJehoyakimi; owesithathu nguSedekiya; owesine nguShalumi.

16Amadodana kaJehoyakimi: nguJekoniya indodana yakhe noSedekiya indodana yakhe.

17Amadodana kaJekoniya umthunjwa: ngoSheyalitiyeli indodana yakhe,

18noMalikiramu, noPhedaya, noShenasari, noJekamiya, noHoshama, noNedabiya.

19Amadodana kaPhedaya: ngoZerubabele noShimeyi; amadodana kaZerubabele: ngoMeshulamu noHananiya uShelomiti wayengudadewabo

20noHashuba, no-Oheli, noBerekiya, noHasadiya, noJushabi Hesedi, beyisihlanu.

21Amadodana kaHananiya: ngoPhelathiya, noJeshaya, namadodana kaRefaya, namadodana ka-Arinani, namadodana ka-Obadiya, namadodana kaShekaniya.

22Amadodana kaShekaniya: nguShemaya; amadodana kaShemaya: ngoHathushi, no-Igali, noBariya, noNehariya, noShafati, beyisithupha.

23Amadodana kaNehariya: ngo-Eliyohenayi, noHezekiya, no-Azirikamu, bebathathu.

24Amadodana ka-Eliyohenayi: ngoHodaviya, no-Eliyashibi, noPhelaya, no-Akubi, noJohanani, noDelaya, no-Anani, beyisikhombisa.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for 1 Chronicles 3.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.