1 Chronicles 11959

1O-Adamu, noSeti, no-Enoshe,

2noKhenani, noMahalalele, noJarede,

3no-Enoke, noMetushela, noLameka,

4noNowa, noShemi, noHamu, noJafete.

5Amadodana kaJafete: ngoGomere, noMagoge, noMadayi, noJavani, noThubali, noMesheke, noTirase.

6Amadodana kaGomere: ngo-Ashikenaze, noDifate, noThogarma.

7Amadodana kaJavani: ngo-Elisha, noTharishishi, noKitimi, noRodanimi.

8Amadodana kaHamu: ngoKushe, noMisirayimi, noPhuthi, noKhanani.

9Amadodana kaKushe: ngoSeba, noHavila, noSabita, noRama, noSabitheka. Amadodana kaRama: ngoSheba noDedani.

10UKushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni.

11UMisirayimi wazala amaLudi, nama-Anami, namaLehabi, namaNafetuhi,

12namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti, namaKafitori.

13UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,

14namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi,

15namaHivi, nama-Arki, namaSini,

16nama-Arvadi, namaSemari, namaHamati.

17Amadodana kaShemi: ngo-Elamu, no-Ashuri, no-Arpakishade, noLude, no-Aramu, no-Use, noHule, noGeteri, noMesheke.

18U-Arpakishade wazala uShela; uShela wazala u-Ebere.

19U-Ebere wazala amadodana amabili: igama lomunye lalinguPhelege,* ngokuba emihleni yakhe izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo lalinguJokothane.

20UJokothane wazala o-Alimodade, noShelefe, noHasaramavete, noJera,

21noHadoramu, no-Uzali, noDikila,

22no-Ebali, no-Abimayele, noSheba,

23no-Ofiri, noHavila, noJobabi; bonke labo babe ngamadodana kaJokothane;

24oShemi, no-Arpakishade, noShela,

25no-Ebere, noPhelege, noRehu,

26noSerugi, noNahori, noThera,

27no-Abrama ongu-Abrahama.

28Amadodana ka-Abrahama: ngo-Isaka no-Ishmayeli.

29Lezi ziyizizukulwane zabo: izibulo lika-Ishmayeli uNebayoti, noKedari, no-Adibeli, noMibisamu,

30noMishima, noDuma, noMasa, noHadadi, noThema,

31noJeturu, noNafishi, noKhedema. Labo babe ngamadodana ka-Ishmayeli.

32Amadodana kaKetura, isancinza sika-Abrahama: wazala oZimrani, noJokishani, noMedani, noMidiyani, no-Ishibaki, noShuwa. Amadodana kaJokishani: ngoSheba noDedani.

33Amadodana kaMidiyani: ngo-Efa, no-Eferi, noHanoki, no-Abida, no-Elidaha. Bonke labo babe ngamadodana kaKetura.

34U-Abrahama wazala u-Isaka. Amadodana ka-Isaka: ngo-Esawu no-Israyeli.

35Amadodana ka-Esawu: ngo-Elifazi, noRehuweli, noJewushe, noJalamu, noKora.

36Amadodana ka-Elifazi: ngoThemani, no-Omari, noSefi, noGathamu, noKenazi, noThimna, no-Amaleki.

37Amadodana kaRehuweli: ngoNahati, noZera, noShama, noMiza.

38Amadodana kaSeyiri: ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, no-Ana, noDishoni, no-Eseri, noDishani.

39Amadodana kaLothani: ngoHori noHomamu; udadewabo kaLothani wayenguThimna.

40Amadodana kaShobali: ngo-Aliyani, noManahati, no-Ebali, noShefi, no-Onamu. Amadodana kaSibeyoni: ngo-Aya no-Ana.

41Amadodana ka-Ana: nguDishoni. Amadodana kaDishoni: ngoHamrani, no-Eshibani, noJitrani, noKerani.

42Amadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, noJahakhani. Amadodana kaDishani: ngo-Use no-Arana.

43Lawa angamakhosi abusa ezweni lakwa-Edomi, kungakabusi nkosi phezu kwabantwana bakwa-Israyeli: uBela indodana kaBeyori. Igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba.

44Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe.

45Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe.

46Wafa uHushamu; uHadadi, indodana kaBedadi, owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi, waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyi-Aviti.

47Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba yinkosi esikhundleni sakhe.

48Wafa uSamla; uShawule waseRehoboti ngaseMfuleni* waba yinkosi esikhundleni sakhe.

49Wafa uShawule; uBali Hanani indodana ka-Akibori waba yinkosi esikhundleni sakhe.

50Wafa uBali Hanani; uHadadi waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyiPhahi; igama lomkakhe lalinguMehetabeli indodakazi kaMatiredi, indodakazi kaMezahabi.

51Wafa uHadadi; abanumzane bakwa-Edomi kwakuyilaba: umnumzane uThimna, nomnumzane u-Aliya, nomnumzane uJeteti,

52nomnumzane u-Oholibama, nomnumzane u-Ela, nomnumzane uPhinoni,

53nomnumzane uKenazi, nomnumzane uThemani, nomnumzane uMibisari,

54nomnumzane uMagidiyeli, nomnumzane u-Iramu. Yilabo abangabanumzane bakwa-Edomi.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Choose Translation

Switch translation for 1 Chronicles 1.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.